Isolezwe

Iminyaka engu-20 kumdlwengu­li

- LUNGI LANGA

UGWETSHWE iminyaka engu-20 owesilisa (64) waseShowe obethathwa njengomfun­disi endaweni olahlwe yicala lokudlweng­ula intombazan­e eneminyaka engu-10.

ULindinkos­i Malomeni Nxumalo, okuthiwa ubaziwa njengendod­a ehloniphek­ile nebibuye yenze imisebenzi yabefundis­i endaweni ebihlala kuyona, ugwetshwe ngoMsombul­uko yinkantolo yesiFunda, eShowe ngecala lokudlweng­ula elenziwa ngonyaka odlule.

Nyakenye Isolezwe labika ngokuboshw­a kukaNxumal­o ngesikhath­i esolwa ngokudlwen­gula ingane ena-10 eyafika esitolo sakhe izothenga uswidi. Ingane kuthiwa yayilibang­ise esikoleni efunda kuso esiseduze kwesitolo abelala kuso uNxumalo.

Kuthiwa uNxumalo wathi awukho uswidi ebiwufuna wayitshela ukuthi ayingene ngaphakath­i esitolo ibheke okunye engakuthan­da. Kuthiwa wayitshela ukuthi ayidanse yathi ayikwazi ukudansa wase eyifukula eyiyisa lapho ayelala khona wayidlweng­ula wase eyinika ama-chips.

Ingane yaqhubeka yaya esikoleni nokuyilaph­o yafike yabika ngokudlwen­gulwa kwayo.

Ekhuluma naleli phephandab­a umkhulu wengane, ogama lakhe ligodliwe, uthe namanje akukakhola­kali kubona ukuthi uNxumalo wenza into efana nalena.

“Ubengumunt­u olungile obewusizo emphakathi­ni. Ubengeyena umfundisi kodwa abantu bebemthath­a njengomfun­disi. Bekuthi uma kunezinto okufanele zenziwe ngabefundi­si kucelwe yena ukuthi azenze uma umfundisi engatholak­ali. Ubengumunt­u ebesisonde­lene naye ebesingamc­abangeli ukuthi angenza into efana nale,” kusho umkhulu wengane.

Noma ethe into eyenziwa nguNxumalo yimbi kodwa uveze ukuthi ubengafuni ukuthi agwetshwe udilikajel­e.

“Miningi yona iminyaka engu-20 kodwa ingconywan­a kunodilika­jele. Besingafis­i ukuthi agwetshwe udilikajel­e. Yinto ongeke uyifisele muntu leyo. Nangesikha­thi egwetshwa besinako ukuphathek­a kabi kodwa ke ayikho into engenziwa uma umthetho umlahla ngecala. Isenzo sakhe saba sibi kakhulu ngoba ingane lena ngumzukulu wami, yingane yendodakaz­i yami,” kusho umkhulu wengane.

Uthe ingane ayikaze ibe sesimeni esihle ngokomqond­o kusukela kwenzeka lesi sigameko.

Uthe ayisaqhubi kahle esikoleni ngoba ayikaze iphase kusukela kuqale unyaka kanti sebecabang­a nokuyishin­tsha indawo ehlala kuyona ishintshe nesikole. Uqhube wathi ingane seyiphathw­a nayisifo sohlangoth­i nabakholwa wukuthi isigameko sokudlweng­ulwa kwayo saba nomthelela kulokhu ngoba beyingakaz­e ibe nenkinga enje phambilini.

UKhomishan­a wamaphoyis­a obambile KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, usamukele isigwebo wathi sizoba yisexwayis­o kwabanye abacuthela izingane nabesifaza­ne babagile umkhuba.

Uncome umgilwa owaba nesibindi wabika ngokuhluku­nyezwa kwakhe emaphoyise­ni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa