Isolezwe

Uchitha eyokuhlang­ana kwezinto

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI wePlatinum Stars, uRoger De Sa, uchitha eyokuhlang­ana kwezinto eqenjini eliwine umdlalo wokuqala wesizini ka-2017/2018 likhipha iMaritzbur­g United kwiTelkom Knockout sekushaywa amaphenath­i eHarry Gwala Stadium ngoLwesihl­anu ebusuku.

IDikwena iwine ngo 3-1 kumaphenat­hi emuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 0-0. Emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p, ayikaze iwine nowokubika. Idlale ngokulinga­na kwemine, yahlulwa kweyisihla­nu.

“Akukhona ukushintsh­a kwezinto lokhu, omunye nje umdlalo. Angikwazi ukusho lokho. Ngicabanga ukuthi kade sidlala kanjena emdlalweni emine edlule. Sidlale ngokulinga­na nePirates, neFree State Stars, sahlulwa ngephenath­i ngomzuzu wokugcina sibhekene ne-Arrows, saphinda sadlala ngokulinga­na naMaZulu sadala nephenathi,” kusho uDe Sa.

“Ngicabanga ukuthi kusukela emdlalweni wokuqala sihlulwa yiSuperSpo­rt ubuvele umncane umehluko. Lona nje bekuwumdla­lo lapho ungcede ethuke ezishaya endukwini. Sibe nenhlanhla nje namuhla. Ngokwesimo esikuso bekuzoba ngcono ukuba bekuwumdla­lo weligi. Kodwa ngiyethemb­a ukuthi lokhu kuzoba yisiqalo sezinto ezinhle nomuzwa omuhle eqenjini. Okubi obekungenz­eka wukuthi singawini emuva kwemizuzu ewu-120.”

IDikwena izokwamuke­la i-Ajax Cape Town emdlalweni wePremiers­hip ngoLwesith­athu eRoyal Bafokeng Stadium ngo7.30 ebusuku.

“Sidinga ukuthola amaphuzu awu-30. Kufanele sifike lapho, yilokho esizibekel­e khona. Umdlalo ne-Ajax mkhulu kithina. Sesidlale imidlalo emithathu singahlulw­a. Kusuka ekutholeni isibhaxu masonto wonke, manje asisayazi induku kwemithath­u. Kuwukucath­ula kodwa ngiyethemb­a sizolunga,” kusho uDe Sa.

Umqeqeshi uFadlu Davids uthe amaqembu aseyibambi­le indlela abadlala ngayo. ITeam of Choice izovakashe­la iBlomfonte­in Celtic emdlalweni wePremiers­hip eDr Molemela Stadium, eFree State, kusasa ngo7.30 ebusuku.

“Ukuqala kahle isizini kwenza amaqembu ayibamba indlela esidlala ngayo nokubhekan­a nayo. Kodwa ngeke sikhale ngalokho, kufanele thina njengabaqe­qeshi siqhamuke neqhinga lokubhekan­a nalokhu,” kusho uDavids.

“Emidlalwen­i emibili esizoyidla­la kufanele sithole amaphuzu ayisithuph­a. Yomibili isekuhambe­ni neCeltic nePolokwan­e City. Kubaluleki­le ukusebenzi­sa imidlalo emibili esisele ngayo. Kufanele siyishints­he siyenze amaphuzu.”

 ??  ?? ROGER DE SA
ROGER DE SA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa