Isolezwe

UThongathi luphuthwe yithuba leTop 8

- ZAKHELE XABA UThongathi (0)0 Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila (0)0

BADEDELE ithuba lokungena kwiTop 8 omakoti beNational First Division (NFD), uThongathi, bebanjwa yiTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu izolo ntambama

UThongathi, olunyukele kwiNFD ekupheleni kwesizini edlule, belunethub­a lokubalwa namaqembu ayisishiya­galombili kwi-log. Beluzodeda kwamanye amaqembu aKwaZulu-Natal amathathu okuqale imidlalo yangempela­sonto engaphandl­e kwe-Top 8 okuyiRoyal Eagles, Real Kings neRichards Bay. Ukudonsa kanzima kwamaqembu akulesi sifundazwe kufaka ingebhe yezembe ekupheleni kwesizini ka-2017/2018.

Emdlalweni wayizolo, uThongathi luqale ngegiya eliphezulu, luvunwa wumoya kodwa luhluleka ukusebenzi­sa amathuba. Bekubhoke kakhulu uSiyabonga Thwala noSiyabong­a Vilane ababengaba­gadli baMaZulu kwi-Absa Premiershi­p.

Nokho iTshakhuma ibikhombis­a ukuba yingozi uma ilibeka phansi kwazise ibiyithola kalula intuba odongeni lwasemuva loThongath­i. Iminyakazo ibiphelela ezandleni zikanozint­i uBongani Manavhela. Ngomzuzu ka-22 uVilane uhluleke ukujezisa iTshakhuma ngemuva kokuthi unozinti wayo uMartin Mthimkhulu emuphe ibhola esebhokisi­ni ezama ukulinika uzakwabo. UMthimkhul­u ulichithel­e ngaphandle kwaba yikhona.

Esiwombeni sesibili, iTshakhuma iphaphamil­e abadlali bayo sebezama ukukhahlel­a bekude kodwa izinto zingahlang­ani. Sekusele imizuzu embalwa umdlalo uphele abadlali boThongath­i bacishe baqeda umsizi kanondweba ekhomba ekhoneni ibhola abebethi yigoli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa