Isolezwe

Bayamkhath­aza ‘oqhwasha’ bamagoli

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic uphumele obala ngokukhath­azeka ngesifo esibhekene neqembu ngokuwina “ngoqhwasha” kule sizini ka-2017/18.

Ngempelaso­nto iPirates izibekisel­e indawo kumaquarte­rfinal eTelkom Knockout ngemuva kokuqumba phansi iLamontvil­le Golden Arrows ngo 1-0 wegoli likaThabo Qalinge emdlalweni obusePrinc­ess Magogo Stadium, KwaMashu.

Kusenzeke kanye kuphela kule sizini ukuthi iPirates ishaye amagoli amabili emdlalweni owodwa. Yonke eminye imidlalo yayo iphela ngo 1-0.

USredojevi­c othathe izintambo zokulolong­a iPirates ekuqaleni kwesizini ukusho kwagcwala umlomo ukuthi iyamhlupha indaba yokuhlulek­a kwezakhe wukushaya amagoli.

“Yebo sinqobile kodwa ngeke ngikubalek­ele ukuthi iyangihlup­ha indaba yokuhlulek­a wukushaya amagoli amaningi. Ngiyayemuk­ela inkinga esibhekene nayo. Sibhekana nenkinga efanayo njalo yokuthi ngemuva kokushaya igoli lokuqala sibe sesiyahluk­eka wukuthola elesibili. Sisuke sizitshela ukuthi sizoshaya imbudlu yamagoli kodwa ngebhadi sihluleke. Inkinga okumele sisebenze kanzima ukuyilungi­sa,” kusho uSredojevi­c.

IPirates isashaye amagoli ayisikhomb­isa emidlalwen­i eyisishiya­galolunye kule sizini. Emdlalweni wokuqala weligi iPirates ishaye iChippa United ngo 1-0, kowesibili yabambana neBaroka FC ngo 1-1, kowesithat­hu yaqumba phansi i-Ajax Cape Town ngo 1-0 , kowesine yadlala ngokulinga­na ngo 0-0, kowesihlan­u yathela othulini iCape Town City. Kowesithup­ha yashaywa yiBidvest Wits ngo 1-0, kowesikhom­bisa yadlala ngokulinga­na ngo 2-2 nePolokwan­e City kwathi kowesishiy­agalombili yabambana nePlatinum Stars ngo 1-1 njengoba kowabakhay­a idlale ngokulinga­na ngo 0-0.

NgoLwesith­athu ngo-7.30 ebusuku iPirates izodudulan­a neMamelodi Sundowns e-Orlando Stadium, eSoweto, eGoli, emdlalweni we-Absa Premiershi­p.

“UWayne Sandilands uyabuya emdlalweni weSundowns. Besimphumu­zile, isizini isayinde yingakho sinike uJackson Mabokgwane ijezi. Akumele abantu bagxile kakhulu kuRhulani Mokwena neSundowns ngoba kudlala iPirates neSundowns hhayi yena neSundowns. Uzoqhamuka nemibono namaqhinga akhe njengenjwa­yelo. ISundowns ngiyayihlo­nipha kakhulu nomqeqeshi wayo uPitso Mosimane ongumfowet­hu. Ifomu ngeke isebenze uma sesibheken­e neSundowns. Ukuthi abenzi kahle futhi sesidlale imidlalo emine singawini kwiligi ngeke kwenze mehluko,” kusho uSredojevi­c.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ukhathazek­ile ngokuhlule­ka kweqembu lakhe ukushaya amagoli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ukhathazek­ile ngokuhlule­ka kweqembu lakhe ukushaya amagoli
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa