Isolezwe

Uzanyelwa impi nompetha we-IBF

- ZAKHELE XABA

ABAPHATHI bakaMoruti “Babyface” Mthalane bahlela ukuyofongq­a isigqoko kumpetha we-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) flyweight mayelana nempi yesicoco ekuqaleni konyaka.

Ibhande le-IBF flyweight liphethwe nguDonnie Nietes wasePhilip­pines. Uliwine ngoMashi ehlula uKomgrich Nantapech lingapheth­we muntu. UMthalane, owake waliphatha leli bhande, utshele Isolezwe ukuthi yena nomqeqeshe wakhe, uColin “Nomakanjan­i” Nathan, bahlela ukuxhumana nekhona likaNietes ngenhloso yokuthi lo mpetha alivikele kuyena ibhande ngonyaka ozayo. Selokhu eliwinile ibhande uNietes akakaze alivikele.

Emasontwen­i amabili adlule uMthalane ulaxaze ibhande le-IBO flyweight ngesikhath­i elungisele­la ukulwela ele-IBF Internatio­nal nagcine eliwinile ehlula u-Ardin Diale wasePhilip­pines ngomcacame­zelo womlalisa phansi ngomzulisw­ano wesibili. Impi ibikade iseMmabath­o Convention Centre ngoLwesihl­anu ebusuku.

“Ngiyazi ukuthi kungenzeka ikhona likaNietes lingavumi ukuvikela ibhande kimina kodwa sizozama, akukho okudlula lokho. Ngithathe isinqumo sokushiya ibhande le-IBO ngoba alibalwa njengeliny­e lamabhande amakhulu emhlabeni, alihlonish­wa kangako,” kusho uMthalane.

“Akulula ukubeka phansi ibhande ukade ulisebenze­le kanzima. I-IBO ingisebenz­ele. Ngonyaka ozayo ngifuna ukulwela ibhande le-IBF, yikho ngithathe isinqumo sokulishiy­a ele-IBO. Manje sengingump­etha we-IBF Internatio­nal nokuzongiv­ulela amathuba okulwela ibhande lomhlaba.”

UMthalane ulaxaze ibhande le-IBF ngo-2014 emuva kokubhekan­a nezinkinga ezama ukulivikel­a okukhona kuzona ukuthenjis­wa amakinati ngophromot­ha bezimpi. Ulwele ibhande le-IBO, waliwina ehlula uJetha Oliver eThekwini.

Kulo nyaka uMthalane ulwe izimpi ezintathu wazinqoba zonke ingakaphel­i imizuliswa­no ebekiwe.Ngenyanga edlule, eqeda ukuguqisa u-Isaac Quaye waseGhana, ugxekwe yinkakha uPeter “Terror” Mathebula ngokushesh­a ukuqeda izimpi engakabaja­bulisi abantu.

“Angikholel­wa ekutheni ngihambe ibanga elinde empini uma likhona ithuba lokushesha ngiyiqede. Impi noDiale ibingelula, ubekade enezibhake­la ezibuhlung­u. Kodwa ngimtholil­e ngomzulisw­ano wesibili kwaphela ngaye. Angifui ukuyeka umuntu ngoba naye uma engitholil­e ngeke angiyeke. Uma esengihlul­a kuzongcola irekhodi lami,” kusho uMthalane.

 ??  ?? UMDLALI wePolokwan­e City uWalter Musona ukhuthazwa yimpumelel­o kamnewabo uKnowledge Musona Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMDLALI wePolokwan­e City uWalter Musona ukhuthazwa yimpumelel­o kamnewabo uKnowledge Musona Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? MORUTI MTHALANE
MORUTI MTHALANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa