Isolezwe

Abalaleli mabayeke ubuxoki nokuqhatha­nisa abasakazi

-

MHLELI: Ngingumlal­eli wemisakazo futhi ngiyazifel­a ngawo uma ngiphumuli­le noma ngimatasa. Into engiyaye ngiyibuke kithina njengabala­leli wukuthi asifuni ukunikeza onikwe ithuba lokusakaza okunguye umsakazi futhi sinenkinga yokuthanda isiqu somsakazi kunokuthan­da umsakazo nezinhlelo zawo.

Ngike ngazinika ithuba ngilalele le nsizwa enguNkosin­athi Mshengu (osesithomb­eni) ohlelweni iSigiya Ngengoma, yize ngiyaye ngimuzwe kwezinye inhlelo zakhe. Engingakub­alula wukuthi abaphathi boKhozi FM bawenzile umsebenzi wabo ekumfakeni noBK MCHUNU. Sekukuye ukuthi ulibamba ngazo zombili noma ngesisodwa ithuba.

Yize iningi limgxeka kodwa limgxekela ukuthi akawubambi umshini kubalaleli abanhlanhl­athayo futhi ufuna into eqondile kubona. Abamgxekay­o yilaba abamlalela­yo kwezinye inhlelo zakhe lapho evutha khona engabaselw­e, akazwani nabalalale­li abangalale­li abavele bafone baphume esihlokwen­i. Kulabo balaleli uyabakhuza abayale bese eyabatheth­isa uma beqhubeka.

Kukhona omunye owake wangena emoyeni wakhonza ekubeni kwakukhulu­nywa ngesihloko esithile, omunye wafona ekubeni uMshengu wayethe akufone izalukazi namakhehla kulolo hlelo lwakhe oluthi Lusothandw­eni.

Wabakhuza laba balaleli wabona nje ukuthi akwehli kahle kubo ngoba wabona sebebhala kwezokuxhu­mana izinkundla bemgxeka ngesenzo sakhe. Kuyiqiniso elingeke liphikwe ukuthi thina balaleli sigxeka ngoba sigaqele ukuba kuleyo ndawo ekubeni asibazi ubunzima bayo futhi sicabanga ukuthi ukusakaza kuyinto elula nje.

Ngiyafisa ukuba sazi ukuthi ukusakaza noma ukuba semoyeni kusuke kusetshenz­iwe emuva kwawo umbhobho futhi kudinga isibindi. Ngike ngizibuze ukuthi kungani sibe ngabalalel­i abaqhathan­isayo lapho sithi ubani ubengcono kunobani. Lokho kwakha ukuthi ungabe usawubona umsoco ofika naloyo onikwe ithuba.

Mina ngimbona uMshengu eze nomkhulu umehluko futhi uzokwenza uhlelo luhlabahlo­se njengoba umuzwa uBK ukuthi uphezulu, kumele asebenzisa­ne naye abephansi ukuze ongamuzwa uBK kodwa amuzwe uMshengu . Thina balaleli asiyekeni ubuxoki bese sinika abasakazi abanikwe umsebenzi ukuba bawenze futhi bazowenzis­isa. Khabzela Mzimela EZWELIBOMV­U

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa