Uyancomeka umsebenzi owenziwe abaqoki bamaProteas
MHLELI: Ngivumele ngincome kakhulu umsebenzi owenziwe ngabaqoki besikwati seqembu lesizwe lekhilikithi, amaProteas, uLinda Zondi nethimba lakhe. Ake ngibancome ngokufaka kakhulu abadlali abathathu ababeyingxenye yeqembu labafana abangaphansi kweminyaka engu-20 elawina iNdebe yoMhlaba eDubai ngo-2014.
Kungijabulisile ukubona u-Addin Makram, Andile Phehlukwayo noKagiso Rabada kwi-One Day Internation (ODI) yesithathu bendawonye. Yize uRabada noPhehlukwayo behlale bekhona kodwa ngijabule njengengane encane ngibona uMakram efakwa endaweni kaJP Duminy futhi wadlala kahle kakhulu ngoba wenze ama-run angu-66 emdlalweni wakhe wokuqala kwi-ODI. Akagcinanga lapho kodwa uthole nama-wicket amabili. URabada noPhehlukwayo nabo bathole i-wicket umdlali ngamunye. Uyazi u-Ottis Gibson uma uMakram engamnika indawo eyayidlalwa nguJacques Kallis ngokusemthethweni engayidlala kahle kakhulu nje kwi-ODI ngoba uyibamba kahle yonke indawo ensimini. Le nto yokwanda kwabadlali abancane kumaProteas kumele inconywe nxa zonke ngoba vele inkunzi isematholeni.
Ngimshayela ihlombe futhi ngokunika ithuba nomfana omncane uWiaan Mulder (19). Naye uthole i-wicket emdlalweni wakhe wokuqala wadlala kahle yize engabhethanga kahle kodwa kubonakale ukuthi uza kahle. Ngibongela no-wicket keeper wethu, uQuinton de Kock, ngokuba ngumdlali owenze ama-run amaningi kunabo bonke abadlali kulolu chungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa. Ngiwabongele kakhulu amaProteas ngokuwina nge-white wash ka 3-0 kwiBangladesh yize leli qembu belilula kakhulu. Nandosi Sangweni KWACEZA