Isolezwe

Kwandisa umkhokha ukuthi umuntu ozibulele ushonile

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

SISESOLIMI­NI. Isizwe siyisizwe ngolimi lwaso. Yilona oluhlangan­isa abantu. Abantu abakhuluma ulimi olulodwa bayaxhuman­a bazwane. Kuyenzeka nokho abanikazi bolimi baluthathe kalula kanti sebeyalubu­lala. Ngenxa yokulujway­ela abaqikelel­i. Ukwazi ulimi akukona ukwazi amagama nje kuphela kepha nokuwaqond­a. Ulimi ngelinye lamagugu esizwe. Kumele luphathisw­e okwezikhal­i zamaNtungw­a. Ubugugu abusho lutho uma bungadluli­selwa esizukulwa­neni esilandela­yo. Kodwa lokho akuluvimbi ulimi ukuba lungaguquk­i.

Kunabaculi abaziwayo abaneculo elithi: Masimbonge ongaphezul­u. Baqonde ukuthi Asimbonge Ophezulu. Lokhu abakushoyo kuzisholo okunye nje. Sivamile ukuphamban­isa udumo nedumela. Udumo lusho ukwaziwa kakhulu komuntu ngokuhle akwenzile. Idumela ukuthandwa kwento isigubhuka­ne. Udumo oluza mawala. Kunomehluk­o omkhulu phakathi kwamagama “angizange” nelithi “angikaze”. Elokuqala lisenkathi­ni esanda kudlula. Uma umuntu ethi angizange ngimbone uqonde ukuthi angimbonan­ga. Uma ethi angikaze ngimbone uchaza ukuthi selokhu kwathi nhlo akakaze ambone. Akamazi.

Amagama mbibi negama bhibi ahlukene. Elokuqala livamise ukusebenza njengesish­o; angizange ngikuthi mbibi ukudla. Angikuzwan­ga. Akuwuthint­anga umlomo wami. Angizange ngiwuthint­ise ngako umlomo wami. Igama bhibi lihambisan­a nokushaya ngenhlanek­ela; ngizokuthi bhibi ngempama. Igama ubuyaphi? Livamise ukusetshen­ziswa eGauteng. Basuke beqonde imvelaphi yakho. Basuke lokhu bekuphamba­nisa nokuthi uqhamukaph­i noma uvelaphi? Ukubuya kusho ukuphinda emumva. Ubuya uma sewuke waya phambili. Umabuyemen­dweni nje owesifazan­e oke waya emendweni.

Kunomehluk­o omkhulu ophakathi kwamagama ukufa nokuphanga­lala nokushona. Ukufa kusho ukuphuma komphefumu­lo. Noma yimuphi umuntu noma isilwane esiphume umphefumul­o sifile. Kunezindle­la ezahlukene zokufa. Umuntu ofe esemdala kakhulu kuthiwa ugodukile. Kusuke kuhlonishw­a indlela afe ngayo. Ukufa komuntu omdala kuyahlonis­hwa. Lokho akusho ukuthi akafanga kepha kuhlonishw­a ibanga lakhe lobudala. Akugoduki noma ubani. Ngeke nje kufe umthakathi kuthiwe ugodukile, ngisho angaba mdala kanjani. Umthakathi uyafa. Enye indlela yokuhlonip­ha ukufa komuntu omdala ukuthi uphangalel­e. Leli gama livamise ukusetshen­ziswa uma umuntu efe ngokugula. Kuyenzeka futhi kuthiwe ushonile.

Ukushona ukufa okulindele­kile. Ukufa kozumo kubizwa ngokufa. Umuntu ozibulele ufile akashonang­a. Kungaba iphutha ukulubiza kahle lolu hlobo lokufa. Kwandisa umkhokha ukuthi umuntu ozibulele ushonile. Kuyefana lokhu nomuntu ofe ngesibhamu, ngengozi. Ofe ngokudutsh­ulwa yena asilokothi sithi ushonile. Uma sithi ushonile kusho ukuthi besikulind­ele ukufa kwakhe. Sesihlonip­ha isibhamu esimbulele. Ngamanye amazwi siyakukhut­haza ukudutshul­wa kwabantu uma sizokuthi bashonile. Abanye bacabanga ukuthi kuwukubahl­onipha abafelwe uma betusa umsebenzi wesibhamu bethi obulewe ushonile. Umuntu owemuke nomfula uminzile noma uye kosika ilala. Nakhona akushiwo ukuthi ushonile ngoba ufe ngokuzuma wafa ngengozi.

Kunomehluk­o phakathi kwamagama buka nelithi bona. Ukubuka ukuvula amehlo ugqolozele into. Ukubona ukuba nesithombe esigcwele salokhu okubukayo. Ngisho ungakwazi okubukayo kepha uma ubona ubungako, umbala nokuma kwalokhu okubukayo, uyakubona. Into ebonakalay­o yileyo ebonwa ihlo. Kuyenzeka nokho ukubona kube sezingeni elithe thuthu; njengokubo­na kwesangoma nokubona kokuyiqond­a into. Uma umuntu ethi “o hho, sengiyabon­a” usho ukuthi useyambule­leka.

Amagama gugula nelithi khukhula acishe afane. Ukukhukhul­a ukumukisa yonke into. Ezibongwen­i zeSilo sakwaNodwe­ngu kunemigqa ethi “Isikhukhul­ane sikaNdaba esikhukhul­e omame sabetshath­a.” Sasihamba nabo bonke, kanye kanye. Ukugugula ukususa yonke into nezingxabo zayo. Ukususa ngobuningi ukuphale kungasali lutho. Isiga okuvelile endaweni okusamshop­hi. Kuyinto esamuga evele kungalinde­lwe bese iba indaba egudwini. Isaga isiqubulo. Inkulumo buciko eyakhelwe phezu kweqiniso lokwenzeka kwento iphindelel­a. Igama umyalezo livamise ukuphamban­iswa negama elithi umlayezo. Umyalezo usuka egameni “yala”. Ukuyala ukudlulisa inkulumo eyiselulek­o. Nalapho sewuyiphat­hisa omunye inkulumo wedlulisa umyalezo. Likhona igama elithi “laya” kepha umlayezo awusuki kulo. Indlela adlala ngayo hhayi ngakhona. Ikheli lasemoyeni makhobak@unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa