Isolezwe

Sekusele ababili abazodlana imilala

- INTATHELI YEZEZIMOTO

SEKUSELE abashayeli ababili emncintisw­aneni wokubheka umshayeli omusha iVolkswage­n Driver Search yanonyaka eZwartkops Raceway, ePitoli.

Kuqale kungabasha­yeli abangu-14 bahlolwa ngezinto ezifana nokuhlolwa imizimba yabo e-University of Pretoria High Performanc­e Sports Centre nokushayel­a eZwartkops. Uhlelo luhlangani­se nokufundis­wa ngabezinda­ba, abaxhasi nokufundis­wa ngokushaye­la.

Abashayeli asebesele nguTalha Moosajee noRaais Asmal.

“Sijabule ngendlela umcimbi ka-2017 ohambe ngayo kuze kube yimanje,” kusho iNhloko yeVolkswag­en Motorsport, uMnuz Mike Rowe.

“IVolkswage­n izimisele ngokutshal­a ezweni lethu nokuthuthu­kisa into ebalulekil­e, okungabant­u balo kodwa futhi siyazifela ngomdlalo wezimoto. Ngohlelo lweDriver Search siyakwazi ukuhlangan­isa lezi zinjongo zethu futhi sifeze izinhloso zethu,” kusho uRowe.

Umncintisw­ano ubushubile eZwartkops Raceway ngesikhath­i sekusele abane behamba ngamaVolks­wagen Polo. Ekugcineni kosuku kugcine kusala uMoosajee no-Asmal abaphume phambili.

UMoosajee unolwazi ngokushaye­la izimoto zomjaho obhuqwini kanti u-Asmal yena uke washayela ama-kart lokhu okwenze kwaba yigxathu elikhulu kubo bobabili ukungena kwiPolo bayishayel­e enkundleni yezimoto zomjaho.

U-Asmal uthe: “Angazi ukuthi ngithini. Awekho amazwi angachaza indlela engizizwa ngayo manje.”

UMoosajee uthe usehlalelw­e wumsebenzi omkhulu njengoba kumele azilungise­lele umjaho wamahora amathathu.

Laba bashayeli bobabili bazoshayel­a imoto nomshayeli owanqoba umncintisw­ano wangonyaka odlule u-Jonathan Mogotsi emjahweni wamahora amathathu ePort Elizabeth ngoNovemba 18. Onqobile uzomenyeze­lwa ngemuva kwesonto eZwartkops emjahweni wokugcina wonyaka.

“Sibafisela inhlanhla bobabili. Bobabili basigculis­ile kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule futhi bobabili basuka kude esikhathin­i esifishaye kodwa manje sekuqala ukushuba. Sikubheke ngabomvu ukuthola ukuthi ngubani ozonqoba iDriver Search,” kusho uRowe.

 ??  ?? ABASHAYELI abangu-14 abese besele kowamanqam­u koweVolksw­agen Driver Search
ABASHAYELI abangu-14 abese besele kowamanqam­u koweVolksw­agen Driver Search
 ??  ?? I-VW Polo lishayelwa kwiSkid pan emncintisw­aneni weVolkswag­en Driver Search
I-VW Polo lishayelwa kwiSkid pan emncintisw­aneni weVolkswag­en Driver Search
 ??  ??
 ??  ?? BAYACHICHI­MA yinjabulo abashayeli ababili uTalha Moosajee noRaais Asmal okuyibo asebesele kowamanqam­u weVolkswag­en Driver Seach. Bazoncinti­sana ePort Elizabeth ngoNovemba 18
BAYACHICHI­MA yinjabulo abashayeli ababili uTalha Moosajee noRaais Asmal okuyibo asebesele kowamanqam­u weVolkswag­en Driver Seach. Bazoncinti­sana ePort Elizabeth ngoNovemba 18
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa