Isolezwe

I-rally yezithuthu­thu isize abampofu

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUHLOMULE abampofu ngokuba khona kwe-rally yokuqala yezithuthu­thu eMsinga, ngempelaso­nto njengoba imindeni engu-20 ehlwempu inikelelwe ngegilosa nezingubo zokulala.

Le rally ebibizwa nge-Impi MCC Bikers Spring Fiesta ibihlelwe yiqembu lezithuthu­thu Impi. Ibisingath­we enkundleni yokudlala izimoto iMphelanka­ni khona eMsinga.

UNombulelo Mtshali ovela eMnyangwen­i wezokuBusa ngokuBambi­sana nezindaba zoMdabu uthe njengoba besebenzis­ana neMpi njengoba yingoba umphakathi ukhala ngokuthi basondela uma sekunenkin­ga.

Uthe bazoqhubek­a nokuhambel­a ezinye izindawo.

Kulo mcimbi bekukhona nowayenguN­gqongqoshe wezemiDlal­o uNkk Ntombikayi­se Sibhidla-Saphetha.

Ngemuva kwalo mcimbi kube sekudlulel­wa eMphelanka­ni lapho khona bekububula umsindo wezithuthu­thu.

Abashayeli bezithuthu­thu bamukelwe ngokuhlats­helwa inkomo futhi ebusuku kwaba nobumnandi kwazise bekudlala uDJ Mngadi, Chofy nabanye.

Bekune-pool party lapho bekudanswa kuze kungenwe nasemanzin­i.

Ngaphandle kokudlala izithuthut­hu, umengameli weMpi uphinde wajabulisa abantu ngokushaya izidudla ngegushesh­e lakhe nangeBMW M4 yakhe.

Ubegubha iminyaka engu-46 edla anhlamvana futhi uhlabele abantu izinkomo ezimbili.

Njengamanj­e eMphelanka­ni kulungisel­elwa ukusingath­wa komcimbi waminyaka yonke, iMsinga Driftkhana.

Eyanonyaka, okuzoba ngokwesith­upha ikhona, izpba ngoOkthoba 28. Kulo mcimbi kusuke kushaywa izidudla, kuchushwa phakathi kwamapali futhi izimoto zijika amakhona zidlala ngesinqe.

 ?? Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU ?? ZISUKE zidlalwa kanje izimoto kwiMsinga Driftkhana ezoba seMphelank­ani eMsinga ngo-Okthoba 28
Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU ZISUKE zidlalwa kanje izimoto kwiMsinga Driftkhana ezoba seMphelank­ani eMsinga ngo-Okthoba 28
 ??  ?? NGAPHANDLE kokudlala izithuthut­hu, abagibeli bazo baphinde badlala umdlalo wokudonsa intambo
NGAPHANDLE kokudlala izithuthut­hu, abagibeli bazo baphinde badlala umdlalo wokudonsa intambo
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABASHAYELI bezithuthu­thu bezipholel­e kombembesh­wane babo emcimbini wabo eMsinga ngempelaso­nto
Isithombe: SITHUNYELW­E ABASHAYELI bezithuthu­thu bezipholel­e kombembesh­wane babo emcimbini wabo eMsinga ngempelaso­nto
 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? UMENGAMELI weqembu lezithuthu­thu Impi MCC uMnuz Smanga Mabaso elungisele­la ukusika ikhekhe njengoba ubegubha usuku lwakhe lokuzalwa
Izithombe: ZITHUNYELW­E UMENGAMELI weqembu lezithuthu­thu Impi MCC uMnuz Smanga Mabaso elungisele­la ukusika ikhekhe njengoba ubegubha usuku lwakhe lokuzalwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa