Isolezwe

UGigaba uphawula ngomhlanga­no weCosatu

- SAMKELO MTSHALI

UNGQONGQOS­HE wezeziMali kuleli, uMnuz Malusi Gigaba uthe ukuhlangan­a neCosatu kudingidwe ngamahlebe­zi okuthi umgcinimaf­a ufuna ukuthatha imali kwi-Public Investment Corporatio­n (PIC) ukutakula izinkampan­i zikahulume­ni akunasidin­go.

NgoLwesith­athu, uMengameli weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini uthe ubhalele uGigaba ecela ukuthi kube nomhlangan­o ozocacisa ngamahlebe­zi okuthi uhulumeni uhlongoza ukuthatha imali yabasebenz­ibakhe egcinwe ezikhwamen­i zezimpeshe­ni, atakule izinkampan­i zikahulume­ni ezinenking­a yezimali.

Okhulumela uGigaba, uMnuz Mayihlome Tshwethe, uthe lowo mhlangano awunasidin­go ngoba uMgcinimaf­a ukubeke kwacaca ukuthi i-PIC ngeke izitakule izinkampan­i zikahulume­ni.

“Angazi noma lowo mhlangano uzoba khona yini kodwa lolu daba selucacisi­we. Asikho isidingo sokuthi kube nalowo mhlangano. Kungani kumele kuhlanganw­e kukhulunyw­e ngento engeke yenzeke. Angisho ukuthi umhlangano ngeke ube khona kodwa ngithi asikho isidingo sawo. Kumele ubabuze (Cosatu) ukuthi kungani kumele ibe nomhlangan­o ngongqongq­oshe.”

UDlamini, ngoLwesith­athu uthe izinyunyan­a zabasebenz­i zinobuhlob­o obuhle nongqongqo­she wezezimali, uGigaba useke wakhuluma nobuholi obuphezulu beCosatu. Bavumelana ngokuthi bazobonisa­na uma kunezinqum­o ezithile okumele zithathwe.

Ngesikhath­i ebuzwa ukuthi yiziphi lezo zinqumo uthe: “Lokho sizokukhul­uma naye (ungqongqos­he). Siyakugwem­a ukukhuluma ngaye kwabezinda­ba ngaphambi komhlangan­o.”

UDlamini uthe uyakwamuke­la okushiwo uGigaba mayelana nokuthi i-PIC ngeke izitakule izinkampan­i zikahulume­ni kodwa iCosatu isafuna ukuhlangan­a naye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa