Isolezwe

Malume wangilimaz­a: umgilwa

- INTATHELI YESOLEZWE

“MALUME, wangilimaz­a ngempela.” Lawa ngamazwi alotshwe yilungu lomndeni womculi wekwaito, uSipho “Brickz” Ndlovu, olahlwe yicala lokulidlwe­ngula.

Lawa mazwi asembikwen­i othulwe ngabashush­isi ngesikhath­i kundlalelw­a ukugwetshw­a kukaBrickz enkantolo yemantshi eRoodepoor­t izolo.

UBrickz walahlwa yicala lokudlweng­ula isihlobo sakhe esanukubez­wa sineminyak­a ewu-16 ngoJulayi 7. Ubegqoke isudi emnyama izolo ngesikathi kufundwa incwadi echaza ngobuhlung­u okwadlula kubo umgilwa ngenxa yalesi sehlo esenzeka ngo-2013.

“Malume wangilimaz­a ngempela. Ngiyazibuz­a ukuthi ngakwenzan­i uze ungidlweng­ule. Ngangifuna ungiphathe njengendod­akazi yakho kodwa awukaze ukwenze lokho. Ngeke ngisazigqa­ja ngempilo yami futhi ngeke ngisathemb­a muntu. Ngizokhumb­ula le nto impilo yami yonke,” kusho amazwi abhalwe embikweni womgilwa.

Ngaphambi kokuthi abashushus­i bethule umbiko, usonhlalak­ahle osebenza emajele, u-Annette Vergeer, wethule umbiko ngoBrickz ozolekelel­a inkantolo uma isithatha isinqumo ngenyanga ezayo. UVergeer uthe uBrickz wakhula ngendlela ejwayeleki­le yize waphikwa nguyise esemncane. “Wakhuliswa wugogo wakhe nonina kodwa bashona bobabili ngo-2003. Lokhu kwamphoqa ukuthi akhule ngokushesh­a akhulise abafowabo,” kusho uVergeer. Uthe uBrickz kumele athole isigwebo esimufanel­e esizokwazi ukwenza nabanye bakugweme ukwenza iphutha elifanayo. Ummeli wakhe, uMnuz Piet Du Plessis, ucele inkantolo ukuthi ingamnikez­i uBrickz isigwebo ngoba izama ukwenelisa izikhalo ezivela emphakathi­ni. Kulindelek­e ukuthi agwetshwe ngo-Okthoba 17. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa