Isolezwe

Kulindelek­e izinkumbi koweLembe

- KHULEKANI MASEKO

KULINDELEK­E ukuthi amabutho aphume kuzo zonke izinkalo zaKwaZulu-Natal aqungele izimo zezulu ayogubha uMkhosi weLembe othathwa njengeminy­e yemikhosi emikhulu.

Kusuke kukhunjulw­a umbumbi wesizwe amaZulu, iSilo uShaka kaSenzanga­khona.

Izanusi zezulu ziqagula ukuthi lizobe libafazi bedube inyama ngosuku lwalo mkhosi ozobe uKwaDukuza, ngeSonto.

UNkk Jacqueline Modika oyisangoma sezulu esingayidl­i imbumba uthe kulindelek­e ukuthi amazinga okushisa abe phansi kakhulu ngalolu suku.

“Kuzoba kunamafu esibhakabh­akeni. Amazinga okushisa kulindelek­e ukuthi abe ngu-13 degrees, aphansi kanti aphezulu ayoba ngu-18 degrees,” kusho uNkk Modika.

Umgubho weLembe wenziwa minyaka yonke, uzobuyela KwaDukuza lapho okwabe kunesigodl­o seSilo uShaka. Itshe lesikhumbu­zo seLembe likuyo le ndawo.

Ngonyaka owedlule umcimbi wabe usenkundle­ni iMoses Mabhida kwazise ubuhlangan­ise nokugujwa kweminyaka engu-200 kwabunjwa amaZulu.

UMnyango wezoBuciko namaSiko esifundazw­eni oholwa nguNkk Bongiwe Sithole-Moloi uthembise ukuhlinzek­a ngamabhasi angu-100 namatekisi angu-21, alungisele­lwe ukuthatha mahhala abafisa ukuya emgubhweni abasuka kuMasipala iKing Cetshwayo, Zululand, eThekwini, Harry Gwala, Mzinyathi, Amajuba, Ugu nakuMasipa­la uThukela. Kuzophinde kukhishwe izitimela ezine ezizobe zisuka KwaMashu, KwaMnyandu, Dalbridge naseMlaza ezizosuka ngo-8 ekuseni zibuyele emuva ngo-3 ntambama.

ISilo samabandla uGoodwill Zwelithini Zulu, kulindelek­e ukuthi sethule inkulumo yosuku. Umnyango uveze ukuthi umdlalo wezinsizwa, umgangela uzobe ungavumele­kile ngalolu suku. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa