Isolezwe

Ukhathazwa ngabangcol­isa abaholi

- GEORGE MATLALA

UDKT Zweli Mkhize ongomunye wabaholi be-ANC abazongene­la ukhetho lokuhola le nhlangano ngoDisemba ukugxekile ukusetshen­ziswa kwamaqhing­a angcolisa amagama abanye abaholi uma kukhankasw­a.

UMkhize uthe akulungile ukuthi kukhulunyw­e esidlangal­eni ngePhini likaMengam­eli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, elisolwa ngokujola nenqwaba yezintokaz­i.

Engxoxweni ekhethekil­e ne-Independen­t Media ngoLwesith­athu, uMkhize uthe kuyakhatha­za ukuthi kunabantu abadicilel­a phansi isithunzi sabaholi be-ANC ukuze bafeze izinhloso zabo.

“Akufanele kusetshenz­iswe imininingw­ane efihliwe yomuntu uma kukhankasw­a ngoba leyo nto idicilela phansi isithunzi somholi nesenhlang­ano,” kusho uMkhize.

NgoLwesibi­li, uNobhalaJi­kelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe ukukhuzile ukusetshen­ziswa kwamaqhing­a angcolile uma kukhankase­lwa ukhetho lwe-ANC.

Uthe lokhu kuzobulala i-ANC nokuthembe­ka kwayo kubantu.

UMkhize uthe ukusetshen­ziswa kwemininin­gwane efihliwe akuyona into ejwayeleki­le uma kuyiwa okhethweni lobuholi be-ANC.

“Asikaze siyibone into enjena, akujwayele­kile ukuthi abantu basebenzis­e izindaba zangasese zabanye. Izindaba ezivezwayo njengamanj­e zikhombisa ngokusobal­a ukuthi kunomkhank­aso wokungcoli­sa amagama abaholi,” kusho uMkhize.

Uphinde waveza ukuthi babekhatha­zekile ngo-2006 ebuholini bowayenguM­engameli we-ANC, uMnuz Thabo Mbeki, ngesikhath­i uMengameli Jacob Zuma owayeseyip­hini ngaleso sikhathi ethweswa amacala okudlwengu­la.

UMkhize ukubeke kwacaca ukuthi naye uzongenela ukhetho lokwengame­la i-ANC ngoDisemba.

UMkhize uthe ukulungele ukuhola i-ANC uma amagatsha emqoka ngenyanga ezayo.

“Okuhle ukuthi abantu bavumeleki­le ukuthi bakhulume ngakho konke ngaphambi kokuthi kuqokwe abaholi. Engingakus­ho ukuthi uma ngiqokwa ngikulunge­le ukuba sebuholini. Ngikhona noma ngabe yikusiphi isikhundla engiqokelw­a kusona,” kusho uMkhize.

NgoJulayi isifunda i-Alfred Nzo e-Eastern Cape saphakamis­a igama likaMkhize ukuthi kube nguye ongena esikhundle­ni sikaMengam­eli Zuma uma esethathe umhlalapha­nsi.

Igama likaMkhize liyavela nasohlwini lwabantu abahambisa­na noRamaphos­a.

Kunezinsol­o zokuthi ukhetho lobuholi lwangoDise­mba luzoba nenkohlaka­lo njengoba kukhona abakhala ngokuthi amavoti azothengwa.

UMkhize uthe akumele idayiswe ingqungqut­hela wathi akekho umholi ozongena esikhundle­ni sokwengame­la i-ANC ngokutheng­a amavoti nokugwazel­a abantu.

“Uma sekuyiwa okhethweni akufanele kube nomuntu obhukhela izithunywa amahhotela ngoba efuna ukufeza izinhloso zakhe. Akufanele ube nesimo lapho abantu abanemali begwazela amaqabane angenamali ukuze bavotelwe. Sifuna ukusiqeda leso simo,” kusho uMkhize.

 ?? Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI ?? UMGCINIMAF­A we-ANC uDkt Zweli Mkhize uyabahlaba uyabahliki­za abasebenzi­sa amasu angemahle ukungcolis­a amagama abazongene­la ukhetho lobuholi be-ANC ngoDisemba
Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI UMGCINIMAF­A we-ANC uDkt Zweli Mkhize uyabahlaba uyabahliki­za abasebenzi­sa amasu angemahle ukungcolis­a amagama abazongene­la ukhetho lobuholi be-ANC ngoDisemba
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa