Isolezwe

Ucwaningo ngokugula kothisha

- MHLENGI SHANGASE

ABAFUNDI abayimidlw­embe, ukugcwala ngokweqile kwamakilas­i, umsebenzi omningi wokumaka ngezinye zezinto ezenza othisha abaningi balashelwe ukhwantala­la nengcindez­i.

Lokhu kushiwo yizinyunya­na zothisha KwaZulu-Natal ocwaningwe­ni olwenziwe umnyango wezemfundo esifundazw­eni oluveze ukuthi u-61% wothisha uguliswa wukhwantal­ala.

Umnyango uphenya necala likathisha okuthiwa usehlale ekhaya izinsuku ezingu-2 027 okusho ukuthi usebe elivini yokugula iminyaka emihlanu.

U-Advocate Bheki Masuku, oyiPhini likaMqondi­si jikelele emnyangwen­i, uthe othisha abelashelw­a ukhwantala­la kakhulu yilabo abasemaliv­ini amade okugula.

Uthe lolu cwaningo abalwenzil­e luveza ukuthi u-17.8% wothisha abagulayo basuke benezifo ezithinta ukuphefumu­la okungaba yisifo sofuba nezinye.

“U-10% uguliswa yizifo ezithinta umgogodla kuthi u-10.3% ube nezifo ezihambisa­na nenhliziyo. U-0.9% uphethwe wukukhatha­la okungaphel­i. Bangu-81 othisha abasemaliv­ini amade okugula, kulaba abawu-64 ngothisha abakupost level 1, abayisishi­yagalombil­i othishanhl­oko, abanye abayisishi­yagalombil­i kube izinhloko zeminyango.” UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe mkhulu umthwalo osemahlomb­e othisha yingakho begula. Uthe uke uthole uthisha efundisa amabanga amathathu, afundise amakilasin­i amahlanu kuya phezulu. “Ekilasini elilodwa uthola kunabafund­i abangu-60, kumele abanike umsebenzi aphinde abamakele. Uthola ibanga ngalinye linamakila­si amane nabafundi abangu-600. Uthole ukuthi ubheke ikilasi, wenza namashedul­a namaripoti. Ngeke ungaguli wenza umsebenzi ongaka,” kusho uThompson.

Ukuchithil­e ukuthi bazigulisa ngoba befuna ukudla imali yemishwale­nse. Uthe uma abafundi bengaphasi uthishanhl­oko uhlala phezu kukathisha yingakho inqwaba egulayo kungothish­a abango-post level 1.

UMnuz Bheki Shandu, iPhini likaNobhal­a weSadtu, ukhale ngokuthi enye yezinto eyenza othisha bagule wukumiswa isikhathi eside bephenywa.

“IThandile, okuyiyo ecubungula indaba yalabo abagulayo ithatha isikhathi eside. Uthisha uzithola egula kakhulu kodwa anganikwa impesheni yokuhlala ekhaya ngoba engasakwaz­i ukuqhubeka asebenze. IThandile iyona enezwi lokugcina ngokuthi uthisha uhlala ekhaya noma ubuyela emsebenzin­i,” kusho uShandu.

UMasuku uthe iThandile, wuhlelo lukahulume­ni kazwelonke okusetshen­ziswa odokotela balo kanti bezwa ngalo ngezinto ezithinta ukugula kothisha.

Amalungu ekomiti lezemfundo esiShayamt­hetho afuna kube nomhlangan­o nabakwaTha­ndile ukuze kutholakal­e ukuthi yini ebamba ukuthi othisha banikwe impesheni yokugula ukuze kungakhokh­elwa abantu ababili esikhaleni esisodwa.

Uma uthisha ehlabe ikhefu lokugula kuqashwa omunye uthisha esikhaleni sakhe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa