Isolezwe

Akazisoli ngemali ayikhiphe ngoCoetzee

- MINENHLE MKHIZE Ebika eseGoli

AKAZISOLI ngokukhiph­a izindodla ngoRivaldo Coetzee umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane.

Lokhu ukusho ngesikhath­i exoxa naleli phephandab­a eChloorkop ngemuva komdlalo wezakhe wesihle nePolokwan­e City. NgoLwesine olwedlule iSundowns iqede yonke into noCoetzee olimele. Usayine inkontilek­a yeminyaka emihlanu neqembu okuyinto uMosimane azishaya isifuba ngayo.

“Uma kunomdlali oneminyaka engu-20 futhi obonayo ukuthi isitayela sakhe singahlala khaxa kwesakho awukwazi ukumyeka. Ibhola ngumdlalo wosomathub­a. Uma kunomdlali okanjalo emakethe akumele wenze iphutha lokumyeka. Ngiyazi ukuthi nginabadla­li abahlanu abadlala phakathi nenkundla emuva kodwa umbuzo uthi wenzenjani? Uyamyeka umdlali elahlile?

“Lo mfana esikhuluma ngaye usezingeni lokudlala e-Europe. Uke waya kwi-Ajax Amsterdam kanti umqeqeshi weCeltic uBrendon Rodgers ukhuluma kahle ngaye. Lo mfana unesipiliy­oni sokudlala ezingeni lomhlaba. Ngizibuzil­e ukuthi angadlala kwiChampio­ns League, impendulo ngisheshe ngayithola. Yebo angadlala. Nakanjani uzoguga iphakethe uma umfuna,” kusho uMosimane.

UCoetzee uphuthwe yithuba lokuyodlal­a phesheya kwezilwand­le. Ubesevumel­e ngayo yonke into neCeltic yaseScotla­nd kodwa wafeyila izivivinyo zodokotela kwazise kutholakal­e ukuthi ulimele.

“Ngesikhath­i sisayinisa uKhama Billiat esuka kwi-Ajax Cape Town saguga iphakethe. Ngicabanga ukuthi senza irekhodi ngokukhiph­a imali enkulu. Uma ngizibuza ukuthi ngabe ngathatha isinqumo esifanele ngiyayitho­la impendulo. Usesiwinel­e izicoco eziyisithu­pha. Eminyakeni emihlanu wenze izinto ezinkulu. Asiyimosha­nga imali. Eminyakeni eyedlule ukube ngabuzwa ukuthi ungawukhok­ha u-R7 million ngomdlali othize yena ezokwenza izinto ezinkulu, ngingasho nginganana­zi ukuthi yebo.

“Ukube ubengadlal­i ngabe siyazisola. IBarcelona yakhipha izizumbulu ithenga uNeymar eBrazil. Ngabe iBarca iyazisola? Nakanjani ayizisoli,” kusho uMosimane.

UCoetzee (20) usedlale imidlalo engaphezu kuka-20 kwiBafana Bafana. Lesi sitobha sesike sayibamba kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2015 e-Equatorial Guinea.

“Kumasizini edlule sathenga uKeagan Dolly kwi-Ajax emncane. Wonke umuntu wayebabaza ethi ungayikhok­ha kanjani kodwa imali engaka. Buka ukuthi ukuphi manje umfana. Senza isinqumo esihle kakhulu ngokumsayi­nisa. Iqembu lenze enhle imali selimdayis­a. Usisizile sawina iligi, Champions League neTelkom Knockout. UBongani Zungu naye ngamthola emncane. Abantu bababaza imali esamthenga ngayo kumaTuks. Uwine amaligi amabili neqembu, Nedbank Cup neTelkom Knockout.

“NoRivaldo angingabaz­i ukuthi uzolandela ezinyathel­weni zalaba badlali. Anginaso isiqinisek­o sokuthi unawo yini umbandela uma efunwa ngamaqembu aphesheya. Uneminyaka engu-20 futhi usedlale kwi-Afcon. Ukusayinis­a umdlali ofana naye kuyalikhul­isa iqembu,” kusho uMosimane.

UMosimane uphahlukil­e ngokuthi ukhokhe u-R9 million ukuze athole uCoetzee.

“Indaba yokulimala kukaRivald­o izolungisw­a. Ngeke ahlale izinyanga eziyisishi­yagaloluny­e njengoba bekubikiwe. Ungoti esimtholil­e uveze ukuthi akumele ahlale isikhathi eside kangaka. Mhlawumbe uzohlala izinyanga ezintathu. NeBarca yingakho ikhiphe le mali eyikhiphil­e ngoOusmane Dembele. Uma umdlali eseqophelw­eni eliphezulu futhi emncane akumele ugodole nemali,” kusho uMosimane.

Ngonyaka edlule uCoetzee ubedlala kuma-Olympic Games.

“Ngesikhath­i ngisekwiSu­perSport United ngakhipha u-R500 000 ngithenga uDenis Masina. Wafika lapha eneminyaka engu-18. Ngemuva kwamasizin­i amathathu samdayisa phesheya. UTeko Modise ngamthenga ngo-R600 000 kwiCity Pillars. Ngazishaye­lela mina ukuyomthen­ga. UPatrick Mayo ngamthenga ngo-R650 000 kuMthatha Bucks ngisacija iSuperSpor­t. Ngaleso sikhathi kwakungath­i ukhiphe u-R9 million. Kade ngangithen­ga abadlali ngemali eshisiwe bafike benze kahle,” kusho uMosimane.

 ??  ?? PITSO MOSIMANE
PITSO MOSIMANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa