Isolezwe

Ithemba kwiBafana yize ilahle amaphuzu

- LUNGILE MAJOKA

KUBUYE ithemba kwiBafana Bafana ngemuva kokulahla amaphuzu ekuhambeni seyibona amaqembu ebanga nawo edlala ngokulinga­na.

IBafana ihlulwe yiCape Verde ngo 2-1 emdlalweni kaGroup D ngoLwesihl­anu ebusuku.

NgoMgqibel­o ebusuku iBurkina Faso ibambele ekhaya iSenegal umdlalo uphela ngo 0-0, okuwumphum­ela obuyise ithemba kwiNingizi­mu Afrika ngokuya kwiNdebe yoMhlaba eRussia ngo2018.

Ngokwalo mphumela iBurkina Faso iqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu amahlanu. ISenegal neBafana sebeyaling­ana ngamaphuzu amane.

IBafana sekumele iyiwine yonke imidlalo yayo, owakusasa, ezowudlala neBurkina Faso kuleli ngo-Okthoba nowasekuha­mbeni neSenegal ngoNovemba, ukuzibeka ethubeni elihle lokuya eRussia.

Umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, utshele abezindaba izolo eMhlanga ukuthi ube nomhlangan­o nabadlali lapho bebhunge ngobumqoka bokunqoba umdlalo womlenze wesibili neCape Verde.

INingizimu Afrika izokwamuke­la leli qembu eliyivukel­e esiswini njengotshw­ala emdlalweni okusasa eMoses Mabhida Stadium ngo-7 ebusuku. Ukube iBafana ayibhacaza­nga ngoLwesihl­anu ngabe iyona esesicongw­eni. Khona kusasa iBurkina Faso izokwamuke­la iSenegal e-Ougadougou. “Umphumela ubuphoxa, okuyinto okumele siyiguqule. Wonke umdlalo esisuke siwudlala sisuke sibheke ukuwunqoba. Kulokhu asiwathola­nga amaphuzu amathathu. ISenegal neBurkina Faso babambane ngo 0-0, okuyinto esibuyisel­e embangweni,” kusho uBaxter.

Iqembu elizoqeda liqhwakele eqoqweni ngoNovemba uma sekusongwa imidlalo yokuhlunga yilona elizoya eRussia.

UBaxter uthe akalona uhlobo lomqeqeshi oluzikhath­aza ngokwenza izibalo kodwa okusemqoka wukubhekan­a nomdlalo ngamunye.

“Nginesipil­iyoni esanele sokwazi ukuthi akufanele ngizikhath­aze ngokwenza izibalo ngoba ebholeni kungenzeka noma yini. Okusemqoba wukubhekan­a nenselelo ngayinye.”

Uthe inselelo anayo njengamanj­e wukuqinise­kisa ukuthi kufika usuku lomdlalo iqembu selikulung­ele ukudlala.

Izolo ekuseni iBafana ayizange iziqeqeshe, izilolonge izolo ntambama eMoses Mabhida. Isizathu salokhu uBaxter uthe wukuba nohambo lwamahora angu-16 abe nobuhixihi­xi, okubambeze­le isikhathi abafike ngaso kuleli.

“Amalungise­lelo awahambi ngendlela ebengifisa ngayo kodwa kumele simelane nesimo. Sikhulumil­e nabadlali ngokuthi sizozibuyi­sa kanjani izinduku. Ngabe umphumela omuhle siwulambel­e ngale ndlela yokuthi sizimisele ukwenza konke ukuze siwuthole?” uBaxter ezibuza.

Ngokubona kwakhe iBafana ayizange ibe nomdlalo omubi ngaleyo ndlela ngoLwesihl­anu. Kodwa ukuvezile ukuthi uzozenza nezinye izinguquko ngaphezu kuka-Eric Mathoho owathola ikhadi elibomvu. UThulani Serero ukulungele ukudlala, yize iqembu lakhe iVitesse lalithe uthinteke umsipha.

Lokhu ukusho ngemuva kokubuzwa ukuthi kungenzeka yini kubonakale u-Andile Jali eqala umdlalo esiswini.

“ICape Verde kungenzeka ihlale emuva kunalokhu ebiyikho. Nathi sizokwenza izinguquko, sidlalise iqembu elihlasela­yo. Kungenzeka kubekhona ushintsho esiswini, isemuva, iphambili ngisho emapalini. Angicabang­i ukuthi besinenkin­ga maphakathi nesisu. Ngicabanga ukuthi uDean (Furman) udlale kahle. UBongani (Zungu) akazange abe nomdlalo omuhle. Kungenzeka ukuthi yena no(Lebohang) Manyama ukuhlangan­a kokuthengw­a kwabo ngemizuzu yokugcina kubaphazam­isile. UDean noBongani badlala kahle kwiNigeria ngakho angiliboni iphutha ngokubaqal­isa. Kodwa ke wonke umuntu unomdlali wakhe amthandayo, ngeke ngikwazi ukujabulis­a bonke abantu,” kusho uBaxter.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter wethemba ukuthi bazozibuyi­sa izinduku kwiCape Verde emdlalweni wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-7 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter wethemba ukuthi bazozibuyi­sa izinduku kwiCape Verde emdlalweni wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-7 ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa