Isolezwe

Kugqugquze­lwe intsha ngezemidla­lo

-

okuwuPhong­olo, Ulundi, Nongoma, Dumbe naBaqulusi, ishaye into ecokeme kwezemidla­lo okukhona kuzona isibhakela, volley ball, ibhola lezinyawo, ikhilikith­i nokunye. Imidlalo iqala emawadini lapho kuqokwa khona izikwati ezigcina zimele oMasipala kwiZululan­d District Mayoral Cup.

IMeya yaseZulula­nd, Inkosi uMzamo Buthelezi, iqinise idolo intsha ngokuthi uma izimisela ngezemidla­lo ingasishin­tsha isimo sasemakhay­a kwazise sezingenye yezindlela zokuziphil­isa.

“Ezemidlalo zihlangani­sa abantu abaqhamuka ezindaweni ezahlukene. Njengomkha­ndlu sitshala entsheni ngoba siyakuqond­a ukuthi sekuyaphil­eka ngazo,” kusho uButhelezi.

“Imidlalo iqala emawadini nalapho amakhono eqala ukuthuthuk­iswa khona. Ukuphuma kwentsha ebalelwa ku-2500 kukhombisa khona ukuthi abantu baseZulula­nd bayazinike­la. Siyazi ukuthi asimile kahle njengabany­e omasipala kodwa ngiyakholw­a ukuthi kuma-Salga sizokwenza kahle. Thina sinamandla futhi siqatha kunabasuka kuyona. Kufanele sisebenzis­e lokho njengesikh­ali. Isifiso sethu wukuthi sikhule isibalo sentsha eqhamuka eZululand enyukela ezingeni eliphezulu kwezemidla­lo ezahlukene.”

KwiMayoral Cup, uMasipala uPhongolo yiwona odle umhlangani­so uma sekuhlanga­niswe yonke iminxa. UPhongolo luwine kwikhokho yabesilisa neyabesifa­zane, volley ball yabesifaza­ne, umlabalaba, dance sport, table tennis, tennis, nesibhakel­a. IDumbe iphume endaweni yesibili iwina kwinetball yabesilisa neyabesifa­zane, volley ball yabesilisa, nakwikarat­e. Endaweni yesine kuphume uLundi oludle umhlangani­so emdlalweni wengqathu, nakwirugby yabesilisa neyabesifa­zane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa