Isolezwe

Kuphele ithemba konenkinga yesikhumba

- LUNGI LANGA

USELAHLEKE­LWA yithemba lokwelaphe­ka owesilisa (29) waseVryhei­d onenkinga yesikhumba engajwayel­ekile noseqede abelaphi bendabuko nezibhedle­la ezama ukuthola usizo.

UMnuz Wonder Malaoaneng waseVryhei­d usephelelw­e yithemba lokuthi isikhumba sakhe sizobuyela esimeni. Uthe ugcwele amaqhuqhuv­a emzimbeni wonke nezinzipho zakhe zikhula ngokushesh­a kube sengathi ezesilwane.

Ngokusho kwakhe lokhu kuqale eminyakeni emithathu eyedlule.

“Ngiqale ngokuthi ngibe nenkinga yezinzipho ezivele zashintsha umbala zaba mnyama kwaba sengathi ezesilwane. Zavele zaqina, zakhula ngokweqile kwaze kwaba nzima nokuzinqum­a. Namanje zisekuleso simo. Isikhumba sami sibe sesishints­ha naso saba namaqhubu okungathi ameva ahlabayo abuhlungu. Angilali ngenxa yobuhlungu obungabeke­zeleki,” kuchaza uMalaoanen­g.

Uthe ngesikhath­i ebona isimo sesikhumba sakhe siya ngokuba bucayi, uye kubelaphi bendabuko wazama ukuthola usizo kodwa nabo bangakwazi ukuyiqeda inkinga yakhe. Ube eseya emtholampi­lo nabo bamdlulise­la ezibhedlel­a nazo ezingakwaz­anga ukumsiza.

Uthe ngonyaka odlule uye kwelinye ibandla ebelivakas­he ngakubo, bamthandaz­ela, bamnika amatshe abathi akawafake emanzini bese egeza ngawo. Uthe kube sengathi kuyaphela kodwa manje sekuqale phansi.

“Angisazi ukuthi ngizokwenz­ani ngoba nalelo bandla alisekho. Sengifisa sengathi kungaba khona umuntu ongathi useke wayibona le nto futhi angakwazi ukuyelapha ngoba impilo yami imile. Noma ngiphuma abantu bayangibuk­a babuze ukuthi nginani. Kwamina angazi ukuthi yini ngoba ezibhedlel­a bahluleka bethi bazama ukuhlola ukuthi yini. Bathatha izicubu bathi abatholi lutho,” kusho uMalaoanen­g.

Uthe waphoqelek­a nokuthi ayeke umsebenzi wokushisel­a ngoba ehlushwa yizinhlung­u ezingabeke­zeleleki ezidalwa yisimo sakhe. Lokhu kusho ukuthi akakwazi ukunakekel­a indodakazi yakhe.

 ??  ?? UMNUZ Wonder Malaoaneng onenkinga yesikhumba nezinzipho engajwayel­ekile oselahleke­lwe yithemba lokuthi isazolaphe­ka njengoba ethi sekuhlulek­e izibhedlel­a nabelaphi bendabuko asebahambi­le ezama ukuyilungi­sa
UMNUZ Wonder Malaoaneng onenkinga yesikhumba nezinzipho engajwayel­ekile oselahleke­lwe yithemba lokuthi isazolaphe­ka njengoba ethi sekuhlulek­e izibhedlel­a nabelaphi bendabuko asebahambi­le ezama ukuyilungi­sa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa