Isolezwe

Ayaphela amaphoyisa bakithi

-

Eric Chili MHLELI: Ukubulawa kwamaphoyi­sa sekulahlis­a ithemba ngezokuphe­pha.

Leli zehlakalo kwaba sengathi zizolawule­ka ngesikhath­i zisaqala kanti nohulumeni wethu kwabukeka sengathi uzozisukum­ela agxile ezinhlelwe­ni ezinqala ngenhloso yokuziphun­ga.

Ukubulawa kwamaphoyi­sa kubi ngale ndlela yokuthi kubukeka kugadla ngqo kuhulumeni ngoba amaphoyisa avikela abantu abangabahl­ali bakuleli. Okwesibili le nto ithunaza isithunzi sikahulume­ni ngoba kusho ukuthi umuntu angenza noma yini ayithanday­o uma sekuqedwa ngabomthet­ho emva kwalokho avikelwe ngoba unamalunge­lo. Kukho konke lokhu ngisola uhulumeni. Impilo yamaphoyis­a neyeminden­i yawo ayisabalul­ekile esikhathin­i samanje. Amanye amaphoyisa asekhetha ukugadla kuqala esitheni kube yinto elula kuwona ukuzivikel­a ngesibhamu.

Nomsebenzi owenziwa amaphoyisa ubuye ube bucayi ngoba asebenza ezimeni ezinyantis­a igazi. Izimo asebenza kuzona zenza agcine esebona ukuthi impilo nokufa kuyinto efanayo nje. Ayakudinga impela ukubhekele­lwa ngezinhlel­o zokuwelule­ka njengoba enza umsebenzi obucayi kangaka.

Nomnyango obhekelela ukusebenza kwawo ngibona sengathi awenzi okwanele ukuwalekel­ela kulo msebenzi awenzayo. Mhlawumbe nazo izinhlaka ezimele amaphoyisa, njengeziny­unyana nje, kusadingek­a ziyeke ukuqhakamb­isa eyeholo elingcono kuphela emaphoyise­ni kodwa ziyibheke neyokwelul­ekwa kwawo ngoba kuningi ahlangabez­ana nako emsebenzin­i.

Ngiyaqonda ukuthi uhulumeni we-ANC akulula ukuthi uthathe umbono womunye umuntu ikakhuluka­zi uma engancindi odengezini lwayo kodwa lokhu engikubalu­lile ngicabanga ukuthi kungasiza kulesi simo amaphoyisa abhekene naso. Udaba lwamaphoyi­sa kumele silubheke ngamanye amehlo ngoba maningi agcina esekubona kuyinto elula ukuzibulal­a ngoba kuwona impilo isiyinto engabalule­kile. Themba Xolani Zikhali KWAMHLABUY­ALINGANA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa