Ayaphela amaphoyisa bakithi
Eric Chili MHLELI: Ukubulawa kwamaphoyisa sekulahlisa ithemba ngezokuphepha.
Leli zehlakalo kwaba sengathi zizolawuleka ngesikhathi zisaqala kanti nohulumeni wethu kwabukeka sengathi uzozisukumela agxile ezinhlelweni ezinqala ngenhloso yokuziphunga.
Ukubulawa kwamaphoyisa kubi ngale ndlela yokuthi kubukeka kugadla ngqo kuhulumeni ngoba amaphoyisa avikela abantu abangabahlali bakuleli. Okwesibili le nto ithunaza isithunzi sikahulumeni ngoba kusho ukuthi umuntu angenza noma yini ayithandayo uma sekuqedwa ngabomthetho emva kwalokho avikelwe ngoba unamalungelo. Kukho konke lokhu ngisola uhulumeni. Impilo yamaphoyisa neyemindeni yawo ayisabalulekile esikhathini samanje. Amanye amaphoyisa asekhetha ukugadla kuqala esitheni kube yinto elula kuwona ukuzivikela ngesibhamu.
Nomsebenzi owenziwa amaphoyisa ubuye ube bucayi ngoba asebenza ezimeni ezinyantisa igazi. Izimo asebenza kuzona zenza agcine esebona ukuthi impilo nokufa kuyinto efanayo nje. Ayakudinga impela ukubhekelelwa ngezinhlelo zokuweluleka njengoba enza umsebenzi obucayi kangaka.
Nomnyango obhekelela ukusebenza kwawo ngibona sengathi awenzi okwanele ukuwalekelela kulo msebenzi awenzayo. Mhlawumbe nazo izinhlaka ezimele amaphoyisa, njengezinyunyana nje, kusadingeka ziyeke ukuqhakambisa eyeholo elingcono kuphela emaphoyiseni kodwa ziyibheke neyokwelulekwa kwawo ngoba kuningi ahlangabezana nako emsebenzini.
Ngiyaqonda ukuthi uhulumeni we-ANC akulula ukuthi uthathe umbono womunye umuntu ikakhulukazi uma engancindi odengezini lwayo kodwa lokhu engikubalulile ngicabanga ukuthi kungasiza kulesi simo amaphoyisa abhekene naso. Udaba lwamaphoyisa kumele silubheke ngamanye amehlo ngoba maningi agcina esekubona kuyinto elula ukuzibulala ngoba kuwona impilo isiyinto engabalulekile. Themba Xolani Zikhali KWAMHLABUYALINGANA