Isolezwe

Sihalalise­la Amageza Amahle ngokumuka nesicoco seNgqwele

-

KUQOPHEKE umlando ngoMgqibel­o iqembu likamaskan­di Amageza Amahle liba ngabaculi bokuqala ukuthatha isicoco somqhudelw­ano wabaculi bamaskandi osungulwe yiSolezwe, Ingqwele kaMaskandi.

Sithi halala kuMageza Amahle nakubaland­eli bawo abaqinisek­isile ukuthi ahamba nesicoco njengoba bekukhulum­a ivoti kulo mncintiswa­no obuwethulw­a nonyaka.

Inhloso yomqhudelw­ano wukuthi iphephanda­ba lijabulise abalandeli bomculo kamaskandi nokubanika ithuba lokuzikhet­hela ingqwele kulo mculo ngokuthi bavote.

Siyabonga kakhulu ngendlela eniwamukel­e ngayo umqhudelwa­no. Ube nesasasa ngendlela eyisimanga futhi kucacile ukuthi umaskandi uyimfivili­thi kubafundi bethu.

Amavoti abaculi abangene ohlwini lwabangu-10 abebevotel­wa abelokhu engene njalo kodwa kwacaca ukuthi abalandeli bezeNdidan­e bafuna iqembu labo liwine.

Umcimbi wokubeka ingqwele kamaskandi obuseCentr­um Park, eWorkshop ngoMgqibel­o nawo ube yimpumelel­o enkulu.

Okugqamile nokube kuhle kulo mcimbi wukuheleza komoya wokuthula kucaca ukuthi abantu bazele umculo hhayi ukuzosusa uchuku.

Siyabancom­a futhi siyababong­a abebesemci­mbini ngokuzipha­tha kahle bayiqeda inkolelo yokuthi lapho kuhlangene khona abalandeli bamaskandi kuba nodlame nokungazip­hathi kahle.

Sengathi le ndlela abaziphath­e ngayo ingaqhubek­a njalo nasemicimb­ini elandelayo.

Siyababong­a abaculi nezinduna zabalandel­i abebelokhu belishumay­ele njalo ivangeli lokuthi kube nokuthula emcimbini.

Nembala akubanga khona ukuchukulu­zana okuvame ukususa uthuthuva.

Umcimbi ubumnandi kakhulu, impela obengekho uphuthelwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa