Isolezwe

Umfundi ugwaze othisha ababili esikoleni

- MHLENGI SHANGASE

UBOSHIWE umfundi waseTshani­bezwe High, eBergville, okuthiwa ugwaze othisha ababili ngoLwesine ngemuva kokucasulw­a wukuthi akamtholan­ga uthisha abemfuna.

Umfundi (18) kuthiwa uye kofuna uthisha othile kodwa wangamthol­a. Uthe uma engamtholi wase edonsa ummese wagwaza uthisha abekhuluma naye.

Uthisha umgwaze ngoba ethe akekho lo abemfuna. Uthisha wesibili ubezama ukungenele­la ngesikhath­i kwenzeka lokhu naye ube esethelwa amachaphaz­elo, wamgwaza naye. Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe umbiko abawutholi­le uthe umfundi ugwaze othisha ngemuva kokungamth­oli abemfuna.

“Umbiko esinawo okwamanje uthi othisha basesibhed­lela. Inhloko yomnyango uDkt Nzama (Vusumuzi) uzohambela isikole namhlanje ekuseni eyothola ukuthi kwenzekeni. Siyasigxek­a isenzo esifuze lesi,” kusho uMlotshwa.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe umfundi uboshwe ngoLwesihl­anu wathi kulindelek­e ukuthi avele enkantolo namhlanje.

UMnuz Bheki Shandu, iphini likanobhal­a weSadtu, uthe ngokuthola kwabo isehlakalo senzeke phambi kukanogada wathi onogada kumele kube ngabantu abanikwa izinsiza zokusebenz­a bangavuli bavale isango kuphela.

Uthe kumele umnyango uqhamuke nezinhlelo zokunqanda izehlakalo ezifuze lezi.

“Kumele sazi ukuthi yiluphi usizo oluzonikwa lesi sikole ukuze isimo esinje singaphind­e senzeke,” kusho uShandu.

UMnuz Allen Thompson, iphini likamengam­eli weNatu, usigxekile lesi senzo wathi abafundi bavele bayazenzel­a kothisha.

Uthe uma bethanda bayabashay­a, abanye babasabisa ngisho nangezibha­mu.

“Inhlangano yabafundi iCosas ike yakhipha umyalelo wokuthi abafundi abashaye othisha ngoba kusho ukuthi othisha izinto zokudlalel­a nje. Indaba yezokuphep­ha sihlale siyikhulum­a njalo. Sifuna ukubona okuzokwenz­iwa wumnyango,” kusho uThompson.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa