Usongele iSuperSport ngeKe Yona Team
KUZOMELE izibambe ziqine iSuperSport United uma izimisele ngokungaphoxwa abafana beNedbank Ke Yona Team ngokusho komunye wabaqeqeshi baleli qembu elizodudulana nompetha beNedbank Cup ngeSonto ngo-3.30 ntambama, eMakhulong Stadium.
Lokhu uDa Gama ukusho izolo lapho exwayise khona ezika-Eric Tinkler ukuthi uma zibophela isikimu zingalokothi zisithambise ngoba zizitshela ukuthi zizoziphuzela isobho. Lo mqeqeshi oseke wapheka iPlatinum Stars, Orlando Pirates no-Under 23 weNingizimu Afrika, uthe ukusho lokhu ngenxa yomsebenzi asebewenzile.
Ngaphandle kokusebenza kanzima ngokubaqinisa ukhakhayi ngakho konke okuthinta ukubhekana neqembu elikhulu njengeSuperSport, uDa Gama uzishaya isifuba ngabafana bakhe ababambane nompetha beligi iBidvest Wits kowokuzwana amandla muva nje.
“Sonke sineme ngomsebenzi osewenziwe kulezi zinyanga eziyisikhombisa ezedlule futhi abafana bawulungele lo mdlalo ngayo yonke indlela. Siya kulo mdlalo ngenkulu inhlonipho kodwa kungabasiza nabo (iSuperSport) uma bengenza njalo kithina ngoba uma besizela ngobuso bazophoxeka,” usho kanje uDa Gama.
Ngokwalo mqeqeshi imidlalo yobungani abayidlale namaqembu ahlonishwayo ezweni aluqinisile ukhakhayi lwabafana.
“Konke ebesingakwenza sesikwenzile singabaqeqeshi. Obekumele kwenziwe abadlali sisalungisela ukuthi bakwenze ngendlela. Osekusele manje ukuthi bakhombise izwe ngeSonto ukuthi yini eyisipesheli ngabo njengoba bekhethiwe,” kuchaza uDa Gama.
Amathikithi okungena kulo mdlalo atholakala bhusende. Abawafunayo kumele baphuthume ezitolo zakwaShoprite/Checkers lapho bezowanikwa khona kodwa kusemqoka ukuthi baphathe omazisi. Kusuka lo mkhankaso uqaliwe eminyakeni edlule, alikho iqembu lePSL eselike lakhala ngaphansi kwiKe Yona Team.