Izinkakha zomculo zizohlonipha uTambo ngengoma
LIZOHLONIPHA isishoshovu somzabalazo u-Oliver Tambo ngengoma iqembu iLadysmith Black Mambazo, izolo eliqophe ingoma ngokuhlanganyela nomculi waphesheya uKirk Whalum, Salif Keita noLira.
Le ngoma kuhloswe ngayo ukukhumbula leli qhawe njengoba laba neqhaza elikhulu kuleli.
UXolani Majozi okhulumela iBlack Mambazo, uthe le ngoma izokhuluma ngokuzinikela kukaTambo ebantwini bakuleli enza izinto ezahlukene.
“Ubaba u-OR Tambo njengomuntu owayethanda umculo, waba negalelo ekuqaleni iqembu elalaziwa ngokuthi Amandla elaqalwa abantu ababesekudingisweni. Lona ngunyaka obaluleke kakhulu kubantu bakuleli njengoba kuwunyaka wokukhumbula u-OR,” kuchaza yena.
Ukuqoshwa kwale ngoma, uthe kube sestudiyo lapho kuqopha khona iMambazo njengoba namhlanje bezonikeza abezindaba ithuba lokukhuluma naleli qembu, uLira noKirk ngokuhlangana kwabo bese belaleliswa le ngoma.
“Umengameli wamemezela ukuthi lo nyaka owokuhlonipha lesi sishoshovu. Leli qembu libone ukuthi akukho okungcono elingakwenza kodwa ukuqamba ingoma,” kuchaza yena.
IMambazo ayiqali ukucula ngokuhlanganyela nabaculi baphesheya njengoba yake yasebenza noPaul Simon, Dolly Parton, Stevie Wonder, Michael Jackson noSalif Keita.
IMambazo ingelinye lamaqembu akuleli ahlonishwayo njengoba selike lahlabana ngezindondo ezihlonishwayo emhlabeni wonke ezaziwa ngamaGrammy, ezine.