Angisagezi ngenzela ukuthi amazimuzimu anginyanye
AKASHONGO njalo okaNdaba wathi kuyofika ophungukanimazulu abangamazimuzimu abayodla abantu bakhe kuhle kwamabhubesi.
Kuyimanje sihlezi lubhojozi siyesaba njengoba sekuqhamuke ukuthi kunabantu abasizingelayo ngenhloso yokuthi basidle njengezitshulu zabo.
Silo samabandla ngicela ukhuze lo mhlola ngoba thina asisoze savuma ukuthi kube nabantu abasizingela kuhle kwezinyamazane.
Ngikhuluma nje bonke abantu bahlalele ovalweni bayesaba ukuthi bathi bezihambela kube kunabantu abafisa ukubapheka babenze umgxabhiso.
Abantu abanjengoVolos abakhuluphele abanemikhaba bahamba bejeqeza ngenxa yokwesaba ukuthi lamazimuzimu azobamba bona abathose no-anyanisi nopelepele. Kubuhlungu ukucabanga ukuthi uthi uzihambela kube kunabantu abakubuka ngamehlo okuthi ungaba yi-fillet eyehla esiphundu okufanele bayidle.
Kuzokhumbuleka ukuthi esikhathini esedlule bekunzima kukhalwa ngabantu abazingela abantu bebala elimhlophe bebabulala ngoba befuna ukwenza imithi yenhlanhla.
Sonke besesijabula sibona ukuthi sewuyehla lomkhuba wokubulala abantu bebala elimhlophe, sesiyajabha uma sithola ukuthi sekuvumbuke amazimuzimu aqhobozela abantu.
Okufike kube yindinda ngalabantu abadla abanye abantu wukuthi abachazi ukuthi basuke bebonani kumuntu lena ebenza bamhalele bafise ukumudla.
Thina zinto zoVolos sesaba ngisho nokugcoba uvaselina ngoba sicabanga ukuthi sizozichochisa ngovaselina ujika uhalise lamazimu angenangqondo afune ukusidla.
Okusempeleni mina angisakuthandisisi nokugeza ngoba ngenzela ukuthi la mazimu angibuke angangithandi athi ngingcolile awafuni ukudla inyama yami.
Silo samaBandla uVolos ucela ukuyishiyela kuwena lena yamazimu adla abantu bakho ukuze uwakhuze kungaze kusuke udlame lokuqeda amazimuzimu.
Nomthebe wesizwe ngithi angiphinde ngikwazise ukuthi nakulo nyaka angizuphumelela eMkhosini woMhlanga ngoba angimenywa ngendlela efanele.
Sekuwumkhuba owejwalekile ukuthi iNdlunkulu ikhiphe isimemezelo sokuthi uMkhosi woMhlanga uyoba ngosuku oluthile.
UVolos akanankinga nesimemezelo kodwa akakholwa wukuthi sisuke simema naye ngoba yena udinga isimemo esichazayo ukuthi ubekelwe indawo azohlala kuyona.
ISilo ngifisa silazi iqiniso lokuthi ngaphatheka kabi eMkhosi woMhlanga ka-2015 ngoba ngajika ngaba umantuntanendishi ngingasenayo indawo yokubeka isinqa kushisa ilanga.
Kuyiqiniso ukuthi ngisuke ngingayele ukuyodla ukudla emcimbini weSilo kodwa kuyiqiniso nokuthi nakho ngiyakudinga.
Ngibona kufanele ngihlambuluke ngisho ukuthi kungiphatha kabi ukubona kuhlatshwa inqwaba yezinkomo emcimbini weSilo kodwa umuntu angatholi ngisho iqatha lokwesula umlomo. Abantu bazothi uhubhuza amanga uVolos uma ethi kunzima njengokuwina iLotto ukuthola inyama yaseNdlunkulu.
Kuyinkolelo yami ukuthi iSilo sihlaba izinkomo eziningi ngoba sihlose ukuthi abantu baso badle bafinye ngendololwane kodwa kunabantu abathatha le nyama bayifake emabhuthini ezimoto bayoyidlela emizini yabo.
Le ndaba yenyama yaseNdlunkulu kufanele isukunyelwe ngoba abantu bayogcina sebebekana izandla bebanga yona. Ngomunye unyaka sahilizisana kabi noDudu Khoza woKhozi FM sibanga ukuthi wahamba nesithebe senyama eyosiwe wayongena naso emotweni.
Uma ngimbuza ukuthi uhambelani nesithebe senyama wavele wangihlinela wathi lesithebe asiphethe ngesabasakazi bodwa. Okufike kube yinkinga laphaya eNdlunkulu wukuthi nabaNtwana basuke sebeshelela bengasabambeki, uma uthi ucela uMntwana uMbonisi uthi akakusikele inyama uvele athi usebhizi nabantu baseSwazini.
UMntwana uNhlanganiso uvele angakunaki uma uthi ulambile kodwa agxile ekutheni akugiywe, akuhlatshelelwe amahubo, okusho ukuthi thina esinoBP noshukela siyohuba size siqulekele eNdlunkulu.