Isolezwe

Kubheduke impi yezigodi kwavalwa isikole KwaNongoma

- MLUNGISI GUMEDE

SIVALIWE isikole samabanga aphakeme iMshanelow­esizwe, KwaNongoma, ngemuva kokubheduk­a kwempi yezigodi ezimbili egcine isikapakel­e esikoleni.

Ngokuthola kweSolezwe, kunempi ephakathi kwezigodi ezimbili, eThokazi naseSiqoko­lweni eqhubekayo okungacaci ukuthi isuswe yini.

Kuthiwa impi yezigodi abafundi sebeyiqhub­a ngisho nasesikole­ni. Kuliwe ngoLwesibi­li kwaze kwagcina sekugwazwa­na, kwalimala umfundi kanzima. Isolezwe lithole nokuthi uthishanhl­oko wesikole naye uthole amachaphaz­elo ngemuva kokuthi abanye abafundi abalwayo bebaleke bangena ehhovisi lakhe.

Ikhansela lendawo, uNkk Nokubekeze­la Xulu, oyiPhini leMeya kuMasipala waKwaNongo­ma, lithe bazwile ngokuhlase­lana kwabafundi eMshanelow­esizwe High.

UNkk Xulu uthe bathumele amaphoyisa ukuba ayoqapha isimo esikoleni ngemuva kokubheduk­a kwempi.

“Sizwa sengathi kunezigodi ezimbili ezilwayo manje impi yazo isikapakel­a nasesikole­ni, asikatholi ukuthi kubangwani,” kusho uNkk Xulu.

Uthe kuleli sonto uzohlangan­a nezinduna, othisha nomphakath­i kuzanywe ukubhula umlilo.

Uthisha wakulesi sikole, ocele ukungadalu­lwa, uthe kusukela kusuke impi ngeledlule abalubhadi esikoleni.

“Silinde kubizwe umhlangano wabazali lapho kuzophuma khona isinqumo sokuthi kuzokwenze­kani,” kusho uthisha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa akwaNongom­a aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza ngemuva kokuthi umfundi oneminyaka ewu-17 egwaziwe ngaphandle kwamagceke esikole ngoLwesibi­li.

UZwane uthe umfundi (22) osolwa ngalokhu uboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi yaKwaNongo­ma. Ugcinwe ezitokisin­i.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe kubaphatha kabi ukuthi uma kuqhubeka izimpi zezigodi kugcina sekuphazam­iseka inhlalo yabantu nokufunda.

UMahlambi uthe basebenza ngokubambi­sana nezinhlaka zomphakath­i kubalwa nezinduna ukuthola isixazulul­o. Uthe okubaphath­a kabi kakhulu wukuthi lokhu kwenzeke ngesikhath­i sekusele izinsuku eziwu-56 kuqale ukubhalwa kwezivivin­yo zika-matric.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa