UFeutmba uvikela uPitso ngesinqumo
NAKUBA uthando olukhonjiswa umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, kubadlali bakhe abasha, u-Oupa Manyisa noGeorge Lebese, lubukeka lungase lumdonsele amanzi ngomsele kodwa inkakha yaleli qembu uRoger Feutmba ayisiboni isidingo sokukhathazeka.
Kusukela kuqale isizini iSundowns isidlale owodwa weMTN 8 lapho ishayelwe khona ekhaya yiMaritzburg United, yase idlala emibili yeligi lapho iwine khona kwiSuperSport United yase iphinda ithelwa othulini yiPolokwane City ngo 2-1 idlalela khona belu ekhaya.
Abahlaziyi bebhola babona lokhu kuphazamiseka kweSundowns kungenxa yezinguquko uMosimane azenze ngokushesha ngoba ebuswa wuthando lukaManyisa noLebese okusanda kuvela ukuthi useneminyaka emine ebalandela.
“Uma ubuka uManyisa edlala kodwa ungazi ukuthi usenezinsuku ezimbalwa efikile kithina ngeke ukholwe. Ngakho-ke ngokwami ufike wangena khaxa. KuLebese ngibona sivaleke thaqa isikhala sikaKeagan (Dolly),” usho kanje uMosimane ngemuva komdlalo walaba badlali wokuqala.
Okukhalisa abahlaziyi indlela asezitshwe ngayo uTiyani Mabunda okunguyena obesebenzisa okomnyuzi iSundowns inqoba isicoco sase-Afrika. Indawo edlalwa uLebese ibijwayele ukudlalwa uKhama Billiat. Ngokusho kukaMosimane, uBilliat akasafuni ukudlala kwiSundowns.
Konke lokhu uFeutmba ukubona kuyinto ejwayelekile futhi okufanele yenzeke ukuze iSundowns izoqhubeka nokuba yilokhu eyikho e-Afrika.
“Uma abadlali sebethengiwe awukho umthetho othi kufanele baqale nini imidlalo. Ngikholwa ukuthi iSundowns iqale kahle njengawo wonke amaqembu kodwa okwayo kubukeka sengathi kuyehluka ngoba iSundowns. Ngeke ngimkhulumele uMosimane kodwa ukube yimina oqeqeshayo ngabe uMabunda uhlale ekhona njalo uma engalimele kodwa futhi kuhle ukuthi azi ukuthi useyalibanga manje ijezi noManyisa. Kungase kuyenze ibe ngcono iSundowns,” kusho lo mdlali ogijime kwiDowns kusukela ngo-1996 kuya ku-1999.
Le nkakha yaseCameroon ebikhona kwiNdebe yoMhlaba ka-1990 yaphinde yaba yiPSL Player’s Player of the year, ithe amaphaphu phansi kubalandeli ngoba ukuqala kabi akusho ukuthi sekonakele kepha kukunika ithuba kusakhanya ukuze ukwazi ukuguqula izinto.