Zivocavoce neSolezwe eBridge City
OMAMA bakwa-K KwaMashu abajima nsuku zonke bashumayela ivangeli lokuthi abesifazane abayeke ukucasha ngesithupha njalo uma sekuza endleleni imizimba yabo ebukeka ngayo.
Lokhu bakutshele Isolezwe ngesikhathi beqala amalungiselelo omkhankaso waleli phephandaba neVipaji Fitness Gym wokukhuthaza ukuzivocavoca nokuzinakekela ngokwempilo.
Lo mkhankaso, ozokwaziwa ngokuthi Zivocavoce neSolezwe, uzohambela izindawo ezahlukene eThekwini uphelezelwa wumtholampilo ongumahamba nendlwana. Uyaqala ngoMgqibelo enxanxatheleni yezitolo iBridge City ephakathi kwaKwaMashu, Ntuzuma naseNanda. Uzoqala ngo-9 ekuseni uze uphele ngo-11 emini kanti akukhokhwa mali uma unesifiso sokuba yingxenye yawo.
USizakele Xaba (57) uthe njengoba kuyinyanga yabesifazane, kumqoka ukuthi babhukule bayikhahlele kude le ndaba yokuthi abebala elimhlophe kuphela abazinakayo ngokujima.
“Ngeke ngiqambe amanga kodwa ukubona ontanga bebala elimhlophe bephapheme bezihlupha ngokujima kungenze ngasukuma. Ngisho emsebenzini ngiyisibonelo ezinganeni engingazizala ngenxa yokuthi ngiyaziwa ukuthi ngiwumama ojimayo. Kukithina besifazane ukuthi sikhombise bonke abasingabazayo ukuthi akukho esingeke sikwenze,” kusho uNkk Xaba.
Le nkulumo inanelwe nguNonhlanhla Nzimande (42) othe yena ukujima kumsize kakhulu ezifweni ngoba obekumphethe akusekho ngoba bekudalwe ukuzimuka.
“Ngiqala ngo-4 ekuseni nsuku zonke ukujima ngaphambi kokuya emsebenzini. Imiphumela iyazibonakalela njengoba sengithi noma ngizibuka esibukweni ngiwubone ngendlela umswenko,” kubeka uNonhlanhla.
USizakele Nhlengethwa (57) uthe: “Izifo ziyabaleka uma ujima. Kungakuhle baphelele ngobuningi ontanga yethu ngoMgqibelo eBridge City ngoba ngiyazi ukuthi uma bebona esikwenzayo kukhona okuzovukuzeka kubona ngaphakathi. Asiphele manje isitayela sokucasha ngesithupha uma sekuza ngasekubukekeni kwemizimba yabesifazane.”
Phakathi kwezifo ezizobe zihlolwa wumtholampilo singabala iHIV/AIDS, umdlavuza webele, ushukela, umfutho wegazi, amafutha, isisindo nakho konke okuhambisana nezempilo.