Sithemba ukuthi uManyi akenziwa isichuse
NGOMSOMBULUKO umndeni wakwaGupta umemezele ukuthi usuzidayisile izinkampani zawo zabezindaba, iNew Age ne-ANN 7.
Bathe bazidayisele uMnuz Mzwanele Manyi owake wakhulumela iKhabhinethi. Bathe lezi zinkampani bazidayise ngoR450 million kanti bazosebenzisa indlela yokuboleka umuntu imali ebizwa nge-vendor financing. Lokhu kusho ukuthi bazoboleka uManyi imali yokuzithenga lezi zinkampani bese eyikhokha kancane kancane iminyaka emihlanu.
Lesi simemezelo sisuse inkulumompikiswano njengoba kukhona abasishayele ihlombe bethi lokhu kuzoletha uguquko ekuphathweni kwezinkampani zabezindaba njengoba iningi lazo lisasezandleni zabamhlophe. Abebencoma bathe lokhu kusho inqubekela phambili kumuntu omnyama futhi kufanele wonke umuntu ameseke uManyi. Kodwa kukhona nabanye abakhale ngokuthi yinto engekho lena eyenziwayo ngoba kubonakala sengathi abakwaGupta bashaya izwe ngemfe iphindiwe ngoba izinkampani zisazoqhubeka kube ngezabo kuphela nje uManyi wenziwa isichuse.
Abangayizwisisi kahle le ndaba bathi abakwaGupta benzela nokuthi baqhubeke bakwazi ukusebenza kahle ngoba sekulukhuni ukuqhuba amabhizinisi abo kuleli kusukela amabhange anquma ukuthi awasezukusebenzisana nabo.
Bathi uma izinkampani sekuthiwa ngezikaManyi kuzonyusa amathuba okuthi ziphinde zikwazi ukusebenzisana namabhange.
Esifisa bakuqikelele nje esivumelwaneni sabo ukubhekelela imisebenzi yabantu abaqashwe yilezi zinkampani njengoba bethembele kuyo imisebenzi yabo. Sifisa nokuthi uManyi asigcine isethembiso sakhe sokuthi ngeke agxambukele emsebenzini wezintatheli, uzoziyekela ziwenze ngokukhululeka nangokulandela imigomo yobuntatheli.
Ukube kuthiwa abantu abathintekayo kulokhu kudayiselana abantu abaziwayo ngokuba osomabhizinisi abenza izinto ngokuthembeka ngabe impela sibaningi sishaya izandla ngoba khona uguquko olunqala luyadingeka kwabezindaba.
Kodwa kukhona okunuka santungwana ngalokhu kudayiselana, asithembe nje ukuthi ngeke kuxhashazwe imali yabakhokhi bentela.