Sekubizwe ungoti ukulungisa ezempilo
SEKULANDWE owayengungqongqoshe wezempilo emnyangweni wezempilo KwaZulu-Natal, uSolwazi Ronald GreenThompson, ukuzosiza alungise isimo sezokuphatha kulo mnyango.
UNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Willies Mchunu, evula umhlangano wezinsuku ezintathu iLekgotla eThekwini, umemezele ukuthi ubuchule bukaGreen-Thompson, oyilungu lekhomishini yezokuhlela, buzosiza lo mnyango odabeni lwezokuphatha nezokuhlela.
“Uke wasebenzisana nethimba elaliphenya ngezinkinga ezithinta eminye yeminyango yezempilo. Sinxusa ikhomishini yezokuhlela ukuthi imdedele asize emnyangweni wezempilo.
“Uzobhekana ngqo nendaba yezokuphatha emnyangweni esebenzisana nethimba likamgcinimafa,” kusho uMchunu.
Uthe uzoyibheka nendaba yemishini yokwelapha umdlavuza.
Uqhube wathi uma kungukuthi uphenyo luveza ukuthi kumele kuthathelwe izinyathelo abathile, bayokwenza lokho.
“Sifuna ukufinyelela emsukeni wokuthi kungani sikulesi simo sokuthi kushode imishini. Emhlanganweni esibe nawo noNgqongqoshe wezempilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi ngeledlule, sivumelene ngokuthi inkinga wukungahlelwa kahle kwezinto kulo mnyango,” kusho uMchunu.
Ugxeke nezehlakalo zokucwaswa kwabafundi nezigameko zokulwa kwabafundi behlomile ezikoleni.
“Abafundi baya ezikoleni behlome bezingovolo ngezibhamu nemimese.
“Kumele sizibuze ukuthi kwenzekani emakhaya, abazali kumele bazi ukuthi izingane zenzani. Sisenkingeni uma abazali belaxaza umsebenzi wabo bayekele izikole ukuthi zikhulise izingane zabo,” kusho uMchunu.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokuqhubeka kokubulawa kwabantu ehostela iGlebelands, eMlaza.
“UMasipala uthe ujube umuntu ozongenelela kule ndaba yaseGlebe ngoba iyasikhathaza. Kumele sithole ukuthi ngabe kusabangwa lokhu okudala noma sekubangwa okunye. Sikhathazekile ukuthi kuyaqhubeka ukubulawa kwamalungu ekomiti lezokuphepha,” kusho uMchunu.
Usho lokhu nje ngoLwesibili ebusuku kubulawe owayeyilungu lekomiti lezokuphepha kuleli hostela ngabantu abangaziwa.