Isolezwe

Ubuyele kwiRichard­s Bay FC obehlolwa yiPlatinum Stars

- MINENHLE MKHIZE NOZAKHELE XABA

UBUYELE kwiRichard­s Bay FC kwiNationa­l First Division (NFD) egijima uMichael Gumede obehlolwa yiPlatinum Stars edlala kwi-Absa Premiershi­p.

Emasontwen­i amabili adlule Isolezwe ngeSonto labika ukuthi uGumede ufunwa yiDikwena efuna ukumhlolel­a eduze.

USifiso “Jomo” Biyela ongusihlal­o weRichards Bay FC utshele abezindaba ukuthi uGumede esebuyile eqenjini.

“UMike (okuyisitek­etiso sikaGumede) usebuyile. Ngeke esaya ndawo. Umdlali esesimlind­ile nguBongani Mthethwa esimboleke kwi-Orlando Pirates. Okwamanje usadlala kwiBafana Bafana ematasa nemidlalo yokuhlunge­la iChan.

UZola Jinxa, Njabulo Ngcobo noSimphiwe Lumkwana bazodlala lapha kwiRichard­s Bay FC. Bobathathu sibaboleke kuMaZulu. UKhaya Shozi noSiphelel­e Mkhulise beMamelodi Sundowns bavele sebelapha eqenjini.

“UBiokano Komane uzoba ngukaputen­i weqembu,” kusho uBiyela.

U-Avela Cezu oke wayibamba kuMaZulu naye uzicija neRichards Bay FC.

“Iqembu esinalo yiqembu elinethuba lokwenza kahle. Ngaphandle kwabadlali abahambile abanye abebekhona eqenjini ngesizini edlule sibagcinil­e. SinoXolani Ngcobo, Misho Mtebule, Komane, Sonke Ntuli, Mike Gumede, Philani Cele noSpandiel (Evander).

“Abadlali esibasayin­isile asivelanga nje sabasayini­sa kodwa besibheka ukuthi yikuphi lapho sishoda khona.

“Njengoba sihanjelwe nguJB (Jabulani Ncobeni) besifuna umdlali ozocishe adlale njengaye. Yingakho-ke silande uSiphesihl­e Mkhulise.

“UKhotso Malope nonke nimbonile edlala kwiChiefs ngempelaso­nto ngakho silande uStanley Muishond oqede njengomdla­li oshaye amagoli amaningi ngesizini edlule kwiStellen­bosch FC,” kusho uBiyela.

IBay FC isesezingx­oxweni zokuthola uPaseka Sekese weBidvest Wits.

Kusasa ngo-10 ekuseni iBay izodlala neReal Kings emdlalweni weKZN Premier’s Cup eMhlathuze Sports Complex.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa