Isolezwe

Uzogijima eMphithi obegaqelwe AmaZulu

- ZAKHELE XABA

UVUMBUKE kwiMaritzb­urg United unozinti waseGhana obefunwa AmaZulu, uRichard Ofori ozovala isikhala esivuleke ngokuhamba kukaVirgil Vries waseNamibi­a.

ITeam of Choice imemezele ukuthi isayinise u-Ofori (23), obevimbela iWA All Stars, inkontilek­a yeminyaka emithathu enombandel­a wokuyivuse­lela. Emasontwen­i adlule kuvele ukuthi Usuthu luxoxa no-Ofori emizameni yokuthi azodlala kulona ngesizini ka-2017/2018. Ngaphandle koSuthu kuthiwa neMamelodi Sundowns ibikade imgaqele futhi ubeziqeqes­ha neCape Town City eqeqeshwa nguBenni McCarthy. U-Ofori ubeseqenji­ni leBlack Stars elidlale emqhudelwa­neni i-Africa Cup of Nations (Afcon) eGabon ekuqaleni konyaka. Uqokwe njengonozi­nti ovelele eGhana nyakenye emuva kokusiza i-All Stars iwine isicoco seligi.

Ngaphandle kokungayiv­useleli inkontilek­a kaVries, iTeam of Choice, ichithe inqwaba yabadlali okukhona kubona uThemba Tshabalala.

Emasontwen­i adlule uTshabalal­a utshele leli phephandab­a ukuthi ngesikhath­i kuvalwa isizini ubekade esevumelen­e neMaritzbu­rg ngenkontil­eka entsha kodwa zashintsha izinto sekufanele kusayinwe. Uthe uncamela ukuyodlala kwiNationa­l First Division (NFD) kunokuhola amakinati emaqenjini e-Absa Premiershi­p.

“Akufanele uphoqe ukuya endaweni noma ubona ukuthi akuhlangan­i. Abanye bengathi isikhathi siyahamba kodwa kimina akukho lokho. Ngiyazi amaqembu awazwani nokukhokha, agijimela abadlali abasebanca­ne. Ngingamane ngidlale kwiNFD inqobo nje uma ngizothola imali engifanele. Angisakhet­hi,” kusho uTshabalal­a.

Abanye abadedelwe yiMaritzbu­rg, uBryce Moon, Happy Mashau noTumelo Mogapi. Inkontilek­a kaPhilani Zulu ayivuselel­wanga, wajoyina iKaizer Chiefs. Leli qembu liphinde lahlukana nokaputeni uKurt Lentjies osejoyine iChippa United. Kungenzeka kugcine ehambile no-Evans Rusike okuthiwa uzobheka kwi-Orlando Pirates

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa