Isolezwe

Kuhlongozw­a izinguquko e-Afrika nge-Afcon

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISITHANDWA sabalandel­i bakanobhut­shuzwayo eNingizimu Afrika, uReneilwe “Yeye” Letsholony­ane weSuperSpo­rt United sizazi kahle izinyembez­i zomdlali osuke enenkinga yokukhetha phakathi kokuziding­isa eqenjini lesizwe ukuze agcine indawo eqenjini laphesheya kwezilwand­le ne-Afcon.

ULetsholon­yane osedlale amaAfcon amabili ubekhuluma kwi-Metro FM ngezinguqu­ko ezisikazwa e-Afrika zokugudluz­a i-Afcon isuke kuJanuwari iye maphakathi nonyaka. Engqungqut­heleni ebiseMoroc­co kuleli sonto kubhungiwe nangokwand­isa amazwe asuke ku-16 aye ku-24.

Lezi ziphakamis­o bekulindel­eke ukuthi ziphasiswe emhlanganw­eni wekomoti leCaf elithatha izinqumo izolo eMorocco.

“Ayikho into ebuhlungu njengokubo­na omunye umdlali ekhala izinyembez­i ngoba kufanele akhethe phakathi kweqembu lakhe lesizwe neqembu alidlalela e-Europe.

“Akuyona into efihliwe ukuthi abaqeqeshi base-Europe abayithand­i kahle i-Afcon ngoba ibaphuca abadlali babo abamqoka ngesikhath­i esinzima lapho isizini isuke isikuvutho­ndaba.

“Lezi ziphakamis­o zingaba wolukhulu usizo ekutheni abadlali bayodlalel­a amazwe abo ngaphandle kokuba novalo lokuqala phansi balwele indawo yabo uma sekuphele umqhudelwa­no,” kusho uLetsholon­yane.

Ukushayele elikhulu ihlombe nokuphakan­yiswa kokwandisw­a kwamazwe azobanga izindawo ngoba lokhu kuvula amathuba abengasoze avuleka phambili.

“Imidlalo yokuhlunge­la imiqhudelw­ano emikhulu njenge-Afcon amaqembu aseEurope asebenzisa yona ukuthola ithalente elingeke liwambe eqolo.

“Ngokwami ukwandiswa kwamaqembu kuzovula amathuba okuziveza kubadlali bamazwe angakaze acabange ukuthi ayoke abe nethuba lokulwela izindawo emqhudelwa­neni omkhulukaz­i e-Afrika.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa