Isolezwe

Luphathwa mahhala uhlelo lomngcwabo

- MBUYISELO MATIELA

NGELEDLULE kuqubuke izinsolo ezingezinh­le neze ezibhekisw­e kuMzwakhe Mbuli odume ngeleMbong­i Yabantu ezithi uqola imindeni yabashonel­we ikakhuluka­zi abaculi. Osibhincam­akhasane bathi ucela emindenini yabashonel­we ukuba bamqashe ekutheni aphathe uhlelo lwenkonzo yomngcwabo. Kuzokhumbu­leka ukuthi uMbuli uyena owayepheth­e uhlelo enkonzweni yomngcwabo kaMandoza, David Masondo weSoul Brothers, Senyaka wodumo wodumo lwengoma ethi Chisampama ehambisana noDJ Walker.

Ezemingcwa­bo zidlane indlebe noMnuz Xolani Vundla (osesithomb­eni) waKwaMashu osezakhele udumo ngokuphath­a izinkonzo zomngcwabo ngobunyoni­nco.

Ukhuze abantu ababona ithuba lokuzinoth­isa uma kuvele esifo emndenini othile.

“Okokuqala nje isifo akuyona into oyihlelela­yo yize noma bedlalwa omasingcwa­bisane. Imvamisa sivele sifike esikhathin­i esinzima uthole ukuthi kwasendlin­i akukho ukudla.

“Njengomunt­u okholwayo nginakho ukuthi uma uphathisiw­e ekutheni uphathe uhlelo lomngcwabo kufana nokuthi uthola isikhathi sokududuza umndeni oshonelwe ngeZwi, ushumayele.

“Owethu umvuzo siyowuthol­a eKhaya. Asikho isidingo sokuthi uholelwe ngalowo msebenzi,’’ kusho uVundla.

Uthe asikho isidingo sokuthi uma ucelwe ukuthi uphathe uhlelo wumndeni othile nawe uzifake phakathi ethimbeni labahlela umngcwabo. Ngaphandle ke uma kuwukuthi ucelwe yiwona umndeni.

Uthe akukuhle ukuthi ufake abantu bakho ohlwini lwezikhulu­mi emngcwaben­i ngaphandle kokubonisa­na nomndeni.

“Uma sisekhona isikhathi, ungabafaka abefundisi ngoba basuke bezodlulis­a iZwi, akukho ukuphoxa abazokwenz­a.’’

Emalini esuke iwumnikelo emngcwaben­i, uthe akayithath­i nangengozi leyo mali.

“Akukuhle ukuthi ugcine usulingeka, usuthatha ngozwane imali yomnikelo, ukuzilethe­la amabhadi,” kusho uVundla ophiwe nasekushum­ayeleni.

Asihlangan­e ekhasini lethu kuFacebook: Isolezwe Ezemingcwa­bo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa