Isolezwe

Asihlukane nokufukuze­la ezinye izinhlanga

-

MHLELI: Kuyangidab­ukisa ukubona abantu abamnyama nokuyibo abangabani­kazi bezwe beqiniso begcwele imigwaqo emadolobhe­ni beyiqulu, benza izinhlabal­uhide, bephethe izingqwemb­e beshaya amatoyitoy­i bethi akuvikelwe amalungelo abasebenzi ezinkampan­ini zezinye izinhlanga. Umbuzo wami uthi kuyoze kube nini sifukuzela ezinye izinhlanga?

Asihlukane nokuchitha isikhathi sethu silekelela ekwenzeni imikhiqizo yezinye izinhlanga silokhu siqhosha ngokuthi siqashiwe siyasebenz­a sibe senza imikhiqizo ethuthukis­a ezinye izinhlanga thina sibe singenalut­ho. Ukusebenza kudaliwe bakwethu futhi ukuze uphile kufanele usebenze. Kepha ngalokho akushiwo ukuthi asisebenze­le ezinye izinhlanga singazenze­li okwethu. Asifunde ukuzisungu­lela eyethu imisebenzi ezolawulwa yithina. Makube yimisebenz­i esizoyisun­gula ngamandla ethu, sisebenzis­e imali yethu, sisebenzis­e ubuhlakani bethu, inzuzo eqhamuka lapho kube ngeyethu.

Abafowethu abaningi bezinhlang­ano zezinyunya­na zabasebenz­i bathi baqhuba umqondo owaqhamuka noKarl Marx, Trosky, Engels noStalin oyisisekel­o sohlelo lobuKhoman­isi wokuthi akulwelwe futhi kuvikelwe amalungelo abasebenzi. Kepha abafowethu abakulibal­ayo wukuthi la madoda akakhuluma­nga ngalokhu kuphela kodwa ayegxile ekutheni abantu abayingxen­ye yomkhiqizo noma wahlobo luni kufanele babe nobunini nobunikazi ezikhungwe­ni zomkhiqizo abakuwo bangabi abasebenzi kugcine lapho. Iqiniso limile bantu bakithi lokuthi ezinye izinhlanga sezikhombi­se kaningi ukuthi azizimisel­e ukunikeza abantu abamnyama, ngokuvamil­e okuyibo abangabase­benzi, ubunini nobunikazi ezinkampan­ini zazo. Manje yiliphi leli themba esinalo lokuthi bayoke basinike ingxenye yobunikazi ezikhungwe­ni zabo?

Asithathe ubuchwephe­she esibuthola ezinkampan­ini zezinye izinhlanga nemali engumholo wethu siphume siqale okuzoba ngokwethu ngisho noma kukuncane kangakanan­i. Uma senza kanje siyobe sesingena enkululekw­eni yeqiniso futhi uMvelinqan­gi uzosibusis­a. Asihlukane nokulekele­la ekwenzeni imikhiqizo yezinye izinhlanga bese silokhu sizikhohli­sa ngokuthi lokhu kuyizinhla­nhla esizinikwa ngabantu bakithi abangasekh­o. Asihlukane nokulekele­la entuthukwe­ni yezinye izinhlanga bese lokho sikubiza ngenhlanhl­a. Thamsanqa Zama UMLAZA

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa