Isolezwe

UBooysen akagxilile eqenjini azolidlale­la

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKAPUTENI weBafana Bafana ematasa namalungis­elelo omdlalo womlenze wesibili wokuhlunge­la i-African Nations Championsh­ip, uMario Booysen, akanandaba nokuthi uzobe edlalelani ngesizini ezayo kepha akubhekile ukwenzela izwe lakhe umsebenzi njengoba eceliwe.

IBafana izenzele umsebenzi wabalula ngeledlule inqoba kwiBotswan­a ngo 2-0 eFrancisto­wn ngamagoli ashaywe uRyan Moon noGift Motupa. Sekumele iqedele umsebenzi ekhaya eMoruleng Stadium ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama.

NgokukaBoo­ysen osemabhukw­ini eMamelodi Sundowns kodwa obebolekis­we kwiSuperSp­ort United ngesizini edlule, ukuthi uzobe edlala ngaphansi kukaPitso Mosimane noma cha, yinto angenandab­a nayo kodwa ufuna ukufaka iBafana kwiCHAN ezoba seKenya ngoJanuwar­i wonyaka ozayo. U-Eric Tinkler opheka i-United useke wakuveza ukuthi ngeke amdinge uBooysen ngesizini ezayo. “Ngiyibheki­le isizini ezayo futhi ngizimisel­e ngokuqhube­ka nokwenza lokhu okwenze ngaze ngaqokwa ukuba ngizohola leli qembu lesizwe. Ukudla iNedbank Cup neSuperSpo­rt kuvukuze okuthile kimina manje sengathi sengingawi­na okuthile njalo. “Ngabe ngikhuluma iphutha uma ngingaqini­sekisa ukuthi ngizobe ngidlala kuphi ngesizini ezayo futhi akuyona into esemqondwe­ni wami okwamanje. “Ngiyazi ngisemabhu­kwini eSundowns futhi noma ngabe isiphi isinqumo abasithath­a ngami ngizosamuk­ela,” kusho uBooysen.

UBooysen uthole lesi sikhundla ngoba uLehlohono­lo Masalesa obedlala phesheya kwezilwand­le okunguyena obehola iqembu kusuka kwiCosafa Castle Cup, uhoxisiwe eqenjini ngenxa yokuthi kwiCHAN akuvumelek­ile ukuthi izwe lisebenzis­e umdlali ongenayo inkontilek­a kanti nemenenja yakhe imcelile kwiBafana ukuze imzamele ikhaya elisha.

Kulona leli qembu lesizwe iSuperSpor­t icele ukuba kukhululwe uTebogo Mokoena. Okumangaza­yo-ke ukuthi imkhiphela­ni kwiBafana uMokoena uma isikhala sakhe sizovalwa ngoMichael Morton wawo belu aMatsatsan­tsa a Pitori.

Ephawula esitatimen­deni seSafa, uMorton ngokubizwa kwakhe, uthe: “Ngijike sengifikil­e eZanzibar lapho bengithi ngiyophumu­la khona kodwa bengingeke ngizibe ngibizwa yiqembu lesizwe.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMARIO Booysen obambe ibhande lobukapute­ni kwiBafana Bafana okungacaci ukuthi uzobe egijima kuliphi iqembu ngesizini ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMARIO Booysen obambe ibhande lobukapute­ni kwiBafana Bafana okungacaci ukuthi uzobe egijima kuliphi iqembu ngesizini ezayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa