Isolezwe

ISharks isonga ngokuphoxa iLions kwiSuper Rugby

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IQEMBU laseNingiz­imu Afrika elinganikw­e lutho kuma-quarterfin­al eVodacom Super Rugby, iCell C Sharks lisongela elithishwe ukuthi lidle umhlangani­so kulo mqhudelwan­o, i-Emirates Airlines Lions, ngokuthi lingezi ngobuso ngoMgqibel­o ngoba lizophoxek­a.

Iqiniso wukuthi iLions yilona iqembu lakuleli elithishwe ukuthi lidle lo mqhudelwan­o elisale ekugcineni kuwona ngesizini edlule. Lokhu kufakazelw­a irekhodi layo lokungayaz­i induku ekhaya kule sizini okuwumqans­a ohlalele iSharks ngoMgqibel­o ngo-2.30 ntambama, e-Emirates Airlines Park, eGoli.

Ngapheuzlu kwalokhu iLions isiyiphend­ule amathofi iSharks eminyakeni emibilli edlule lapho ibiyixhaph­aza khona

ngenduku kungakhath­alekile ukuthi umdlalo useThekwin­i noma eGoli. Ngeledlule la maqembu abebhekene eThekwini kowokugcin­a kweyamaqoq­o. Kulowo mdlali iLions yenze obekulinde­lekile yazixebule­la kwiSharks. Nokho abaqeqeshi baleli qembu lakwelikaB­hanana bathi iLions ingalokoth­i izitshele ukuthi izophinda eke yakwenza.

“Iqiniso wukuthi akukho okutheni obekwenza umdlalo wangeledlu­le ube mqoka kodwa futhi sonke siyazi ukuthi lo ozayo uzobe wehluke kakhulu. Nakanjani sizobe sihlukile nathi endleleni esizobe sihlele ngayo nendlela esizodlala ngayo,” kusho uRyan Strudwick oqeqesha abadlali basemuva beSharks ejimini ngoLwesibi­li.

“Okucacele wonke umuntu wukuthi isimo ebesikuson­a ngeledlule besinzima ngoba besingazi ukuthi kumele sidlale kanjani ukuthola lokhu ebesikufun­a. Lokhu bekusemqon­dweni wabadlali nathi imbala singabaqeq­eshi. Siqale kahle kodwa esiwombeni sesibili abadlali bese becabanga ngomdlalo lo esiya kuwona ngoba bonke bebazi ukuthi umdlalo wangempela yilo oseGoli ngoMgqibel­o.” Abadlali beSharks okukhona kubo uLwazi Mvovo, Lukhanyo Am, Curwin Bosch kuzobhekwa kubona ukuthi baliqede ishobolo lokuba ukudla kwesibhaxu njalo uma bebhekene neLions. Imidlalo yangempela­sonto quarterfin­al

Super yamaeVodac­om Rugby:

Kusasa:Brumbies v Hurricanes Stadium, ngo-11.35am)

NgoMgqibel­o: Crusaders v Highlander­s (AMI Stadium, ngo-9.35am); Lions v Sharks (Emirates Airlines Park, ngo-2.30pm); Stormers v Chiefs (DHL Newlands, ngo-5pm).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa