Umlando ngokuvelela komsakazo wesiZulu nabasakazi
KUMQOKA ukwazi ngomlando wakho ukuze uzigqaje ngobuwena.
UVelaphi ‘Bhedlindaba’ kaLuphuzi Mkhize ubhale incwadi esihloko sithi Umlando wokusakaza eNingizimu Afrika nokuvelela komsakazo wesiZulu lapho esifundisa khona ngabasakazi bokuqala beRadio Bantu nokuthi kwaqala kanjani ukuthi kuzwakale umuntu omnyama emsakazweni.
Uyasikhanyisela nangesimo umuntu omnyama ayekuso ngalesi sikhathi ebhekene nezinselelo ngokwezepolitiki nesimo senhlalo kodwa laqhakamba ikhono lokusakaza ngolimi lwesiZulu ngesikhathi sempi yesibili yomhlaba, kuzwakala okokuqala emoyeni izwi lomuntu omnyama uCJ Mpanza.
Lapha uMpanza wanikwa ithuba ku-English Service (osekuyiSAFM namuhla) ukusakaza ngesiZulu.
Akukholakali ukuthi ngesikhathi sempi yesibili uMpanza wayenikwa imizuzu eyishumi nanhlanu nje kuphela emoyeni njengoba namuhla uvula isiteshi osithandayo uzwe izwi lomnyama esakaza ngesiXhosa, uvule esesiZulu nesesiNgisi njalonjalo amahora angu-24 kuyasakazwa.
Kule ncwadi akugxiliwe nje kuphela emlandweni weRadio Bantu, Radio Zulu osekubizwa ngoKhozi manje, sithola nangomlando ojulile wabasakazi ababevelele okubalwa kubo uK.E Masinga owayedume ngelikaGibeligagasi. Namuhla umgwaqo u-Old Fort lapho Ukhozi FM luzinze khona eThekwini uqanjwe ngayo le ngqalabutho.
Abanye abasakazi abethulayo nguHubert Sishi, Guybon Mpanza, Dabula Chiliza, Bafana Zwane nabanye.
Akucacisayo lapha uVVO wukuthi ngempela umuntu okunguyena owaqala ukuzwakala emoyeni akuyena uK.E Masinga kodwa ngu-CJ Mpanza.
Uthi umuntu okunguyena owabiza UK.E Masinga ngoyise weRadio Bantu ngu(Carl) Fuchs owabe engesinye seziphathimandla kwa-SABC.
Kule ncwadi kunezithombe zabasakazi nabaphathi.
UVVO naye ungomunye wabasakazi abadala njengoba esebhale le ncwadi.
Namuhla uKhozi lunabasakazi abathandwayo oTshathugodo Ngobe, Sthandwa Nzuza, Lady D nabanye.
Abalaleli boKhozi babalelwa ezigidini eziyisishiyagalombili namuhla, impumelelo yalo msakazo ingenxa yemisebenzi encomekayo yabantu abafana noCyril Bongani “Kansas City” Mchunu, Bhodloza Nzimande, Mfundisi Hawu Mbatha, Koos Radebe, Cool Cat Gumbi nabanye.