IGagasi FM eShaka Marine
LIYAQALA ngoLwesihlanu ukusakazela eShaka Marine World iGagasi FM elizobe livula ngokusemthethweni indlu yokusakzaa entsha khona.
NgoMashi, ngesikhathi iGagasi ligubha iminyaka engu11 lasungulwa, kwamenyezelwa ukuthi selizoba nenye indlu yokusakaza ezoba seShaka Marine.
Okhulumela isiteshi, uKhulekani Shandu, uthe ngoLwesihlanu uhlelo lwantambama iKings Drive, eyethulwa nguSphectacula noNaves, wuhlelo lokuqala oluzosakazela endaweni yabo entsha.
Uthe ngeke bathuthe eMhlanga lapho izindlu zabo zokusakaza zikhona.
“Umsakazo ubungenaso esinye istudiyo sangaphandle nobekungaba yinkinga uma kukhona okwenzekayo kulesi esikhona njengokuthi kube khona umlilo,” kusho uKhulekani.
Uthe ngaphandle kwalokhu bazosizakala ngokuthi babe semehlweni abantu.
“IShaka Marine yindawo ehanjelwa abantu kakhulu ngakho sizosizakala ngokuthi sikhangiseke. Nabalaleli bazokwazi ukushutha izithombe nabasakazi bethu ngoba bazobe sebeseduze kwabo,” kuchaza uKhulekani.
Uqhube wathi izinhlelo zabo eziningi zizobe zisakazwa khona eMhlanga kuthi ezinye, uma kuphithizela noma ngempelasonto, bazisakazele eShaka Marine.
Uthe ngoLwesihlanu uma sebesethula isiteshi kuzoba wumcimbi okhethekile kodwa ngemuva kwalokho abantu bazobe sebevulelekile bezozibonela.
Ukuthi bazosakaza ngaziphi izinsuku bazokumemezela emoyeni.