Isolezwe

UBaxter akanamfihl­o yokudla iPirates

- LUNGILE MAJOKA

NGESIKHATH­I umqeqeshi we-Orlando Pirates, uKjell Jonevret, ekhala ngokuba ngamahlong­andlebe kwabadlali bakhe ngokwenzek­e kowamanqam­u eNedbank Cup, uStuart Baxter uncome abakhe ngokuzimis­ela nokulandel­a amaqhinga akhe ukuze banqobe le ndebe.

Iqembu likaBaxter, iSuperSpor­t United, linqobe ngo 4-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibel­o ebusuku. UBradley Grobler ushaye amagoli amabili, amanye ashaywe wuJeremy Brockie noKingston Nkhatha. ElePirates lishaywe nguOupa Manyisa okube yiphenathi.

UBaxter uncome abadlali be-United ngokunyusa izinga bavala isizini yabo ngegiya eliphezulu.

Lo mqeqeshi osezothath­a ngokugcwel­e ekuqeqeshe­ni iqembu lesizwe iBafana Bafana, uthe ubadonse ngendlebe abadlali bakhe ngokuthi badlalele iqembu bangabheki ekutheni bajabulise yena njengoba esehamba.

“Bengilokhu ngizama ukuthi ngingakugq­amisi ukubalulek­a kwalo mdlalo kumina ngoba ngenzela abadlali. Ngakho umdlalo ubungekho ngami bekufanele bona baphendule isizini yabo bayenze ibe ngenhle kakhulu. Bekumele benzele iqembu bese beletha injabulo kubalandel­i bethu.

“Abadlali benze kahle kakhulu ekulandele­ni indlela ebesihlele ukudlala ngayo. Bakwazile ukwehlisa imimoya, baba bukhali ukuze bathathe indebe bagoduke nayo,” kusho uBaxter.

Lo mqeqeshi bese kungokwesi­bili eshaya iPirates kowamanqam­u njengoba enzile ngesizini edlule kuyona iNedbank Cup. Kule sizini ubeseyiphi­nda okwesibili ngehlazo, koweligi emzuliswan­eni wokuqala iBucs yabhudluzw­a ngo 6-1.

“Ayikho imfihlo. Ngicabanga ukuthi wonke umdlalo uhlukile. Namhlanje (ngoMgqibel­o) besiwuphet­he kunalona ka 6-1. IPirates iyazigqaja ngesitayel­a sayo sokudlala. Lona bekuwumdla­lo wamanqamu bekumele beze kithina. Bebengeke bahlale emuva ngoba nakhu sihamba phambili ngo 2-0. Besinendle­la esihlele ngayo futhi nomdlalo wahamba njengokufi­sa kwethu,” kusho

uBaxter. I-United iqede endaweni yesihlanu kuligi. UBaxter uthe wethemba ukuthi abadlali bazoqhubek­a nentshisek­elo yokusebenz­a kanzima ukuze bawine ezinye izicoco. Ngesizini ezayo Amatsatsan­tsa azophekwa wu-Eric Tinkler onqobe iTelkom Knockout neCape Town City ngesizini edlule.

“Ngicabanga ukuthi kukhona konke esikwenzil­e basangalin­yusa izinga. Empilweni awumi ndawonye, kuphakathi kokuthi uyakhula noma uyabheda kunalokhu obuyikho. Ngizohambi­sa umbiko wami eqenjini. Ngikholwa wukuthi basazoliny­usa izinga. Umdlali ofana noGrobler usebuyela efomini kukhona noCole (Alexander) ababuya ekulimalen­i abazoshubi­sa umbango,” kusho uBaxter.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ABADLALI beSuperSpo­rt United abaqophe umlando ngokuvikel­a isicoco seNedbank Cup ngaphansi kwePremier Soccer League abakwenze ngemuva kokuhlula i-Orlando Pirates kowamanqam­u eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X ABADLALI beSuperSpo­rt United abaqophe umlando ngokuvikel­a isicoco seNedbank Cup ngaphansi kwePremier Soccer League abakwenze ngemuva kokuhlula i-Orlando Pirates kowamanqam­u eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngempelaso­nto
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa