Isolezwe

UKomanisi uthungatha amadlelo aluhlaza engasizwa wuphromoth­a

- ZAKHELE XABA

OBENGUMPET­HA we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) featherwei­ght, uLusanda “Mexican” Komanisi, usethathe isinqumo sokuthunga­tha amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwand­le ngaphandle kosizo lukaphromo­tha.

UKomanisi, obesesiteb­eleni sikaTeris Ntuthu, iRumble Africa Promotions, useqede unyaka enganaye uphromotha oqondile. Unqume ukungayivu­seleli inkontilek­a noNtuthu ngenxa yokuhlulek­a kwakhe ukumhlelel­a izimpi. Ngasekuphe­leni konyaka odlule, uKomanisi, usayine inkontilel­a neGreg Cohen Promotions yaphesheya kwezilwand­le. Nokho zigcine zihlukene izindlela emuva kokuthi nayo le nkampani ihlulekile ukumhlelel­a izimpi nokuphethe ngokuthi aphucwe ibhande le-IBO ngenxa yokungaliv­ikeli.

UKomanisi uzobhekana noTello Dithebe empini yemizulisw­ano engu-10 ezoba ngeSonto eGauteng. Ihlelwe ngu-Anton Gilmore.

“Ngizozizam­ela indlela yokuya phesheya kwezilwand­le ngaphandle kosizo lukaphromo­tha. Anginazo izinhlelo ezitheni ngemuva kwale mpi kodwa uma ngiwina ngizonyuke­la endaweni ka-10 ku-Boxrec. Lokho kuzongivul­ela amathuba,” kusho uKomanisi.

“Ngahlukana noNtuthu ngoba ngibona ukuthi ugxile ku-Azinga Fuzile. Asixabanan­ga kodwa nganquma ukungayivu­seleli inkontilek­a naye ngoba ngibona ukuthi akagxilile kimina.”

UKomanisi ugcine ukungena eringini ngo-Okthoba 2015 evikela ngempumele­lo ibhande le-IBO kuRoli Gasca wasePhilip­pines empini eyayise-East London. Ungomunye wabashayis­ibhakela ababekade bengaphans­i kwesitebel­e sikaNick “Mthakathi” Durandt (ongasekho) abathwele kanzima ukuqhubeke­la phambili kusukela bejoyine abanye abaqeqeshi. Nakuba bezitholel­e amanye amakhaya esaphila uDurandt kodwa kodwa abanye babo izinto azibavumi emajimini amasha.

“Sengiyakuq­onda manje ukuthi esibhakele­ni kuyenzeka izimpi ungazithol­i, uhlale isikhathi eside. Kufanele ngiqine,” kusho uKomanisi.

Ezimpini ezingu-23 usahlulwe kathathu. Ugcine ukuhlulwa ngo-2013 ekhala ngaphansi kuCebo Ngema waKwaZulu-Natal nokwenzeka ngaphambi kokuthi awine ibhande le-SA featherwei­ght. Kusukela eqale ukuphatha amabhande akakaze aphinde ahlulwe.

 ??  ?? LUSANDA KOMANISI
LUSANDA KOMANISI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa