Wakhelwe indlu oxinwe umdlavuza
IMPILO ayisezofana nasekuqaleni kosephile iminyaka engu-8 edla ngepayipi ngenxa yomdlavuza womphimbo, ngemuva kokuthi enikelelwe ngomuzi nempahla yasendlini ovulwe ngumholi we-IFP inkosi uMangosuthu Buthelezi izolo.
UMnuz Solomon Mthembu (71) waseNkolokotho, eMtubatuba, akakwazi ukukhuluma kusukela ahlaselwa ngumdlavuza womphimbo ngo-2008. Ukusebenzisa kwakhe usiba abhalele iMeya kaMasipala waseMtubatuba uMnuz Msawenkosi Mkhwanazi aneke usizi lwakhe kube nezithelo ezinhle.
Inkosikazi yakhe, uNkk Siphiwe Mthembu (57), ithe umyeni wayo ubone usizi abebebhekene nalo njengoba ngaphambi kokuba bakhelwe umuzi bebehlala nabazukulu abangu-7 endlini enamagumbi amathathu, bethwala kanzima uma izulu lina kwazise wonke amagumbi abenetha.
“Umuzi ebesihlala kuwo ubungenawo ugesi, indlu ivuza. Obekusihlupha ngukuthi imali kababa yempesheni ibigcina isiphelela ezitolo njengoba edla ngepayipi, usephila ngobisi namasi. Bekuphoqa ukuthi ubisi luthengwe nsuku zonke bekudlula izinsuku ezimbalwa lonakale kwazise besinganawo ugesi, singenaso nesiqandisi.
“Sijabule ngendlela engachazeki, nobaba nakuba engasakwazi nokusho libe linye igama ukuchaza injabulo kodwa ukujabulele ukuthi imeya ilusukumele phezulu lolu daba,” kuchaza uNkk Mthembu.
UMkhwanazi oyimeya kulo masipala uthe incwadi ebhalwe nguMthembu imthintile.
“Bengingenawo amandla ngokwami okubakhela umuzi futhi bengingeke ngisebenzise imali kamasipala ukwenza lo msebenzi. Ngemuva kokufika mathupha kulo muzi ngazibonela usizi abaphila kulo, ngiphume ngingena nginxenxa osomabhizinisi ukuthi basize bakhele lo mndeni. Obekuthanda ukuxaka wukuthi umuzi wabo ubuwakhe wodwa kude neminye obekwenza kube nzima ukuthi bathole ugesi. Ngiqale ngokuxoxisana nenduna yendawo egcine isibasikele indawo eseduze nemizi. Ngibonga inkampani i-XXX Investment okuyiyo eyakhe lo muzi iwususa phansi. Kuphoqe ukuthi ngisebenzise imali yami ukubathengela impahla yasendlini,” kusho uMkhwanazi.
UMnuz Tebogo Moilwa, we-XXX Investment, uphonsele abanye osomabhizinisi inselelo.
“Ibhinizisi akusilo elokwenza inzuzo nje kuphela kodwa kumele libe wusizo ekwenzeni ngcono impilo yabantu,” kusho uMoilwa.