Isolezwe

Iziguli ziyacanasa kuteleke onogada

- LUNGI LANGA

ZIZICANASE­LA ezitolo zasedolobh­eni ngamaphija­ma iziguli zasesibhed­lela saseManguz­i ngenxa yesiteleka samaholo sonogada.

Lokhu kuthiwa kulokhu kuqale phakathi kwale nyanga ngesikhath­i onogada abaqashwe yinkampani ezimele esebenza esibhedlel­a belaxaza umsebenzi ngoba bekhala ngokungaho­lelwa ngesikhath­i.

Onogada kuthiwa bayafika esibhedlel­a begqoke izingubo zabo bengawugqo­kile umfaniswan­o ukuzobheka amagundwan­e.

Umsebenzi wasesibhed­lela ongagunyaz­iwe ukukhuluma nezintathe­li uthe lokhu sekuholele ekutheni abantu neziguli bazicanase­le nje esibhedlel­a bengagadwe muntu.

Uthe nabo bengabaseb­enzi bakhathaze­kile ngokupheph­a kwabo ngoba ngisho namalungu omphakathi asefika noma yingasikha­thi sini – angena ephuma esibhedlel­a.

“Okubuhlung­u wukuthi abasebenzi bahlale bethwala izinkinga zesiteleka. Akuqali ukuthi kume ukusebenza konogada ngenxa yenkinga yamaholo nesimo sokusebenz­a. Abasebenzi sebeteleke kathathu selokhu kuqale unyaka bekhala ngento efanayo. Njalo uma betelekile kuba nezigigaba ezihlukume­za abasebenzi. Kokunye kuntshonts­hwe amasondo ezimoto ezipake esibhedlel­a. Njengoba kuqale lesi, kuntshonts­hwe iselula yomunye wodokotela. Asizizwa sikhathale­lwe abaphathi besibhedle­la ngoba bayayiyeke­la le nto ilokhu iqhubeka.”

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi, uthe ngenxa yesiteleka sonogada athe siqale ngoJune 19 sekukhona izinhlelo esezifakiw­e ukuqinisek­isa ukuthi iziguli nabasebenz­i baphephile.

Ilungu lomphakath­i elinesihlo­bo esilaliswe esibhedlel­a lithe lifike esibhedlel­a lashaqeka ngesikhath­i lihlangana neziguli ezitolo ezingaphan­dle kwesibhedl­ela. Ezinye zeziguli zilaliswe ngoba zilashelwa ufuba olungayizw­a imishanguz­o, imultidrug-resistant tuberculos­is.

Lezi ziguli nezinye zibonakala nsukuzonke ziya ezitolo noma zizihlalel­e ngaphandle kwesibhedl­ela zigqoke amaphijama.

Uthe lesi simo simkhathaz­ile ngoba kusho ukuthi iziguli azivikelek­ile. Nemindeni yalabo abalalisel­we izifo ezithelela­nayo njengofuba olungayizw­a imishanguz­o ayiphephil­e.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa