Isolezwe

Abayizwa kahle eyamaphini amabili

- MLUNGISI GUMEDE noSITHANDI­WE VELAPHI

I-ANC KwaZulu-Natal ishaya amakhala mayelana nesiphakam­iso sokuthi kube namaphini amabili kamengamel­i.

USihlalo we-ANC esifundazw­eni uMnuz Sihle Zikalala uthe abayizwa kahle eyamaphini amabili ngoba ababoni ukuthi umsebenzi welesibili kuzoba yini.

“Maqabane akumele sikhande izikhundla ngoba sifuna ukubhekele­lana. Ngikhumbul­a kudala kwenziwa isiphakami­so sokuthi kube namaphini amabili kasihlalo we-ANC, ngaleso sikhathi kwakusekho­na uMnuz Harry Gwala owaphumela obala wathi akakaze ayizwe leyo nto,” kusho uZikalala.

Uthe uma kuthiwa iphini lesibili likamengam­eli lizobhekel­a izindaba zangaphand­le ukhona umnyango owenza lokho.

“Kunengxoxo mayelana nokuthi sibe namaphini amabili kanobhala-jikelele, omunye uzogxila ekuqapheni, ukuhlunga nokucwanin­ga, omunye agxile ekwakheni iqembu, ahole nemikhanka­so,” kusho uZikalala.

Isiphakami­so samaphini amabili kanobhala-jikelele sivele ngemuva kokuthi kube nesiphakam­iso sokuthi senyuswe isibalo sesigungu esiphezulu se-ANC samalungu ayisithuph­a abe yisikhombi­sa. Sivele nasengqung­qutheleni yemigomo eGauteng lapho uSihlalo wesifundaz­we uMnuz Paul Mashatile eqinisekis­e ukuthi kunesiphak­amiso sephini lesibili likamengam­eli namaphini amabili onobhala. Uthe lokhu kuzoqinisa ihhovisi elikhulu le-ANC.

Ngesikhath­i i-ANCYL iphakamisa amagama efisa bakhethwe engqungqut­heleni kaDisemba iveze amagama amaphini kanobhala-jikelele, iphini lokuqala uNkk Jessie Duarte, elesibili uMnuz Fikile Mbalula.

Izolo amalungu e-ANC e-Eastern Cape abenengqun­gquthela yawo yesifundaz­we. UNksz Fikile Xasa oyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC uthe abenza sengathi konke kuhle kuleli qembu bayizitha zalo ezinkulu. Kule ngqungquth­ela ebise-East London kuvele umbono wokuthi kumele ivuselelwe kabusha i-ANC.

UNksz Xasa ophinde abe nguNgqongq­oshe wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu e-Eastern Cape ugxeke umndeni wakwaGupta ngokungene­lela ekulawulwe­ni kwezwe.

“Abantu bavotela i-ANC hhayi umndeni wakwaGupta. Ngeke siyeke ukukhuluma ngokugxamb­ukela kwalo mndeni yize abanye bengathand­i sikhulume ngakho. Umndeni wakwaGupta umataniswa nenkohlaka­lo futhi siyazi ukuthi i-ANC ilahlekelw­a ukwesekwa ngenxa yalokhu,” kuchaza yena.

Uthe uma kungakhulu­nywa ngezinking­a ezibhekene ne-ANC iqembu lizolimala wathi abanye abasayesek­i i-ANC ngenxa yokwenziwa ngabaholi bayo.

“Baningi abangeneme ngabaholi be-ANC ngoba sinabaholi abangenand­aba abazithwel­e. Sinenkinga yabaholi ababeka phambili izidingo zabo nezabangan­i kunezabant­u,” kusho uNksz Xasa.

Ugcizelele nokuthi azilalelwe izingqalab­utho ezindala ze-ANC wagxeka abaholi abangayihl­oniphi imibono yazo. Ngesikhath­i sokushicil­ela izolo bezingakav­eli izinqumo ezithathwe kwezinye izifundazw­e ngemigomo yeqembu.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG ?? USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala osephawule ngesiphaka­miso sephini lesibili kwesobumen­gameli
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala osephawule ngesiphaka­miso sephini lesibili kwesobumen­gameli
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa