Isolezwe

USam uncoma ukunyusa izinga kubagijimi bakuleli

- LUNGILE MAJOKA

UMENGAMELI weSascoc, uGideon Sam, ukushayela ihlombe ukunyusa izinga kwabagijim­i bakuleli abalokhu beqhubeke njalo ngokuvelel­a uma bencintisa­na nezimbangi ezingeni lomhlaba.

USam uthe ukuvelela kukaWayde van Niekerk, Akani Simbine, Luvo Manyonga noCaster Semenya, selokhu kuqale isizini yezokusuba­tha lapho beyibamba emiqhudelw­aneni emazweni ehlukene, kunikeza ithemba ngokuthi bazokwenza kahle kwiIAAF World Championsh­ip.

Imidlalo yamaWorld Champ iseLondon ngo-Agasti. UVan Niekerk uzoyibamba kwi-200m nakwi-400m kule midlalo. Uqhubekile nokushaya into ecokeme ngesikhath­i edla umhlangani­so e-EA Classic, eVelenje eSlovenia ngoLwesibi­li ebusuku.

UVan Niekerk akagcinang­a ngokuphuma phambili kodwa ushaye isikhathi esihle kunazo zonke aseke azigijima ku-100m eqopha u-9:94.

Lesi sikhathi sehlile kunalesi abenaso kuleli banga u-9:98. Ulandelwe u-Emile Erasmus noHenricho Bruintjies bonke bakuleli.

“Umgijimi ofana noWayde ulokhu eqhubeke njalo nokubamba umgqigqo. Lena iyona into okumele abagijimi bayiqonde ukuthi kumele ukwazi ukubamba isigqi. Ungafike wenze kahle bese uyehla futhi ngokushesh­a. Lokhu (okwenziwa uWayde) yikhona okukhombis­a ukuthi ungumgijim­i osezingeni lomhlaba futhi uhamba phambili.

“Ngicabanga ukuthi kulo nyaka kumele silindele ukubona abagijimi abaningi abazokwenz­a kahle kumaWorld Champs. Sibonile uLuvo ulokhu eqhubekile nokugxuma kahle. Nabanye abebehlelw­e yifomu njengoRush­wal Samaai noCornel Fredericks sebeyaliny­usa izinga,” kusho uSam.

UVan Niekerk ephawula engxoxweni abe nayo base-IAAF, uthe: “Ngijabule kakhulu. Lesi yisikhathi sami esihle futhi ngiyajabul­a ukuthi umjaho uhambe ngendlela ebengifisa ngayo. Lokhu kuzongisiz­a emabangeni ami engiwabhek­ile u-200m no-400m.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa