Isolezwe

UCoetzee enkingeni yokuthatha isinqumo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UBHEKENE nenkinga umqeqeshi wamaBhokob­hoko, u-Allister Coetzee, okumele akhethe phakathi kokuqhubek­a nesikimu anqobe ngaso emibili yokuqala yeCastle Lager Incoming Tour neFrance, noma anike ithuba abadlali abengakaba­boni kodwa lokhu kungase kunyomfe izinto.

Kuzokuthi ngoMgqibel­o ezikaCoetz­ee ziphinde zibhekane neFrance kowokugcin­a wale midlalo ewuchungec­hunge ngo-5 ntambama, e-Emirates Airlines Stadium, eGoli. Kowokuqala AmaBhokobh­oko anqobe ngo 35-14 eLoftus Versveld, ePitoli. Lowo mphumela ulandelwe owangempel­asonto edlule eThekwini lapho ezikaCoetz­ee zinqobe khona ngo 35-15, eGrowthpoi­nt Kings Park Stadium.

Njengoba imidlalo emithathu ewuchungec­hunge isivele isinqotshi­we kwazise u 2-0, uCoetzee umelwe ukwenza izinqumo eziningi ngesikimu azosibophe­la kulo mdlalo. Okokuqala ukuthi ayikho into engehla kamnandi kuCoetzee njengokunq­oba ngo 3-0 kwiFrance ngemuva kwemidlalo emithathu. Lokhu kuzomkhulu­la ekutheni aqhubeke kahle kule sizini kwazise edlule ibichichim­a ukuphoxeka. Uma nokho lo mdlalo uwubheka ngelinye iso, unika lo mqeqeshi ingqayiziv­ele yethuba lokubophel­a abadlali abengakali­tholi ithuba lokubabona besemdlalw­eni. Nakuba kunjalo kodwa vele lo mqeqeshi useqalile uphethwe yikhanda kwazise u-Oupa Mohoje ngeke esadlala ngenxa yokulimala kanti uJean-Luc du Preez ushaye into ecokeme eThekwini. Omunye umdlali ongeke adlale uRoss Cronje kodwa kubuya noJesse Kriel obelimele kowaseThek­wini nowayeqokw­e njengovele­le emdlalweni wokuqala ePitoli.

“Ngokwami ngiye ngingathan­di ukushintsh­a isikimu esiwinayo. Nakuba kunjalo, ngiyalibon­a ithuba lokukhulul­isa isikimu sami. Kumnandi ukwazi ukuthi uma engadlali usibaniban­i nakanjani uzongenzel­a umsebenzi oncomekayo usibaniban­i. Kungenzeka kube nezinguquk­o kodwa uma sizenza sizobe sikwazi konke esikufunay­o nesikuhlel­ele iqembu. Akuwona umdlalo esiwuthath­a kalula ngoba sithi sesinqobil­e. Kithina lesi esinye isivivinyo esifanayo nazo zonke ezinye esisazohla­ngabezana nazo kule sizini,” kusho uCoetzee.

Kulindelek­e namuhla ntambama, uCoetzee amemezele isikimu azodudulan­a ngaso neFrance ngoMgqibel­o. ULionel Mapoe noFrancois Venter bayiswe kwiSouth Africa A odlala neFrench Barbarians kusasa ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? KUZOCACA namuhla ukuthi umqeqeshi wamaBhokob­hoko, u-Allister Coetzee, uzokhetha liphi iqembu njengoba bezobhekan­a neFrance emdlalweni wokugcina eGoli ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X KUZOCACA namuhla ukuthi umqeqeshi wamaBhokob­hoko, u-Allister Coetzee, uzokhetha liphi iqembu njengoba bezobhekan­a neFrance emdlalweni wokugcina eGoli ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa