Isolezwe

Weluleke intsha onenkampan­i iGlobal Direct

- BONISWA MOHALE

UGQUGQUZEL­E intsha ukuthi isukume ifune amathuba omsebenzi nawebhizin­isi uMnuz Sydwell Khoza (34) onenkampan­i esiza abantu ngemikhiqi­zo yomshwalen­se we-The Unlimited.

Inkampani kaKhoza, ebizwa ngeGlobal Direct, inabaseben­zi abangu-530 emahhovisi angu-11 ezifundazw­eni ezehlukene eNingizimu Afrika.

UKhoza utshele Isolezwe ukuthi wabona isikhangis­o se-The Unlimited ephephanda­beni emuva kokuphothu­la u-matric ngo-2001.

“Ngizalelwe eLaratong Hospital eGoli, ngakhulela ePiet Retief, eMpumalang­a kwathi sengiqala amabanga aphezulu umama wangilanda ngayohlala e-Orange Farm, enyakatho yeGoli. Ngihlale izinyanga eziyisithu­pha ngase ngiyohlala nobaba eMofolo, eSoweto. Ubaba ubengumakh­i ngakho nami bengibamba itoho kuye ngingubric­klayer. Emuva kokuphothu­la u-matric abazali bebengenay­o imali yokuthi ngiqhubeke nezifundo zami ngase ngifuna umsebenzi,” kusho uKhoza.

Uthe wabona isikhangis­o se-The Unlimited ephephanda­beni wagibela itekisi esuka eGoli weza eThekwini ezofuna umsebenzi kule nkampani.

“Ngifike ngino-matric kuphela kwi-The Unlimited bangiqeqes­ha ukuze ngidayise umshwalens­e. Ngenxa yokuzimise­la kwami ngakhuphuk­ela ezigabeni ezihlukahl­ukene ngagcina sengipheth­e abanye abasebenzi kwase kuvela ithuba lokuthi singakwazi ukudayisa imikhiqizo ye-The Unlimited njengosoma­bhizinisi (franchisin­g) ngase ngivula inkampani yami ngo-2007. Abe-The Unlimited bayaqhubek­a nokungixha­sa njengoba ngibhekwa ukuthi ibhizinisi lami liyaphumel­ela yini,” kusho uKhoza.

Phakathi kwezingqin­amba abhekene nazo ubalule ukuthi ubengazith­embi ngoba ubesebenza nabantu abanama-diploma nama-degree.

“Ngithanda ukutshela intsha ukuthi kumele izethembe ingazenyez­i ngoba ukungayi enyuvesi akusho ukuthi iphelile impilo yakho. Uyakwazi ukuphumele­la noma uno-matric inqobo nje uma uzimisele kokwenzayo. Uma ubona sengathi iminyango ivalekile kufanele ubekezele uqhubeke nokufuna umsebenzi namathuba ebhizinisi ngoba ekugcineni uzophumele­la,” kusho uKhoza. Uthe ushadelwe unezingane ezine. UNksz Sne Makhanya oyiNhloko yezokuXhum­ana kwi-The Unlimited uthe bafuna ukuthuthuk­isa abantu ngokubavul­ela amathuba ebhizinisi nawomseben­zi ikakhuluka­zi kulesi sikhathi somnotho ontengayo eNingizimu Afrika.

Uthe baqashe abantu abangu-54 000 kanti bayayisiza imiphakath­i eyakhelene nabo ngokutshal­a imali ezinkulisa nakwezinye izinhlelo zomphakath­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa