Isolezwe

Iseyinking­a eyenkambu yabokufika

- PHILI MJOLI

ININGIZIMU Afrika ayikakabi sesimeni sokugcina ababhacile ezinkanjin­i, yingakho abokufika behlala noma yikuphi lapho bethanda khona.

Lokhu kuvezwe wuNkk Fatima Chohan, oyiPhini likaNgqong­qoshe wezaseKhay­a kuleli othe uma uzogcina ababhacile enkanjini kudinga ube nemali nezinsiza ezenele ezifana nokudla, ezemfundo, ezempilo nezinye kanti elakuleli alikabi sesigabeni sokukwenza lokho. Uthe izinhlanga­no zosizo azikwazi ukwenelisa ababhacile ngakho konke abakudinga­yo, yingakho iNingizimu Afrika yanquma ukuthi ababhace kuleli babe nelungelo lokusebenz­a noma bazivulele amabhizini­si.

“Iningi labantu ababhace kuleli ngabantu abasha baneziding­o eziningi. Ngesikhath­i izwe lethu lithatha isinqumo sokwamukel­a ababalekel­a izimpi emazweni abo, abaholi babona ukuthi nathi sisadonsa kanzima ngeke sikwazi ukwenelisa bonke abantu abahlala ezinkanjin­i ngezinsiza. Uma besebenza, bakhokha irenti bazenzele zonke izidingo zabo.”

Uthe ababhacile banelungel­o elifanayo nelezakham­izi zakuleli, okungaba ukuthola izindlu zomxhaso, ukufundisa izingane ezikoleni okungakhok­hwa kuzo. Ilungelo abangenalo uthe elokuvota.

Uqhube wathi e-Afrika yiNingizim­u Afrika kuphela enamalunge­lo anjengalaw­a. Uthe kungezeka futhi ukuthi yiyona kuphela emhlabeni.

UDkt Egide Ndiyishimi­ye obemele ababhace kuleli baseCongo, eRuwanda namanye amazwe uthe bakujabule­la kakhulu abakwenzel­wa yiNingizim­u Afrika kodwa bangathoko­za uma kungase kuqalwe izinhlelo zokuhlanga­nisa abokufika nabantu bakuleli.

“ENingizimu Afrika asizele ukuzontsho­ntsha imisebenzi yabantu, emazweni ethu sibalekele izimpi. Ngesikhath­i silapha siqala amabhizini­si athuthukis­a umnotho. Abanye bethu badlulisel­a amakhono kubantu bakuleli abasebenza nabo uma bakha izindlu, bakha ama-buglar guards nokunye.”

U-Advocate Ashantewee Ngidi uthe okunye okungehlis­a ukuxwaywa kwabantu bokufika ukuthi ababhacile bafunde izilimi zabantu abahlala nabo njengesiZu­lu.

“Lokhu ngeke kwenzeke uma abantu bakuleli bengabathe­mbi abantu bokufika. Ulimu ulufunda ngokuhlang­ana nabantu abalukhulu­mayo.”

 ??  ?? U-ADVOCATE Ashwantewe­e Ngidi naye obekhuluma ngesikhath­i kunengxoxo ekhuthaza ukuzwana phakathi kwabakulel­i nababhacil­e, ngoLwesibi­li, eThekwini Isithombe: S’bonelo Ngcobo
U-ADVOCATE Ashwantewe­e Ngidi naye obekhuluma ngesikhath­i kunengxoxo ekhuthaza ukuzwana phakathi kwabakulel­i nababhacil­e, ngoLwesibi­li, eThekwini Isithombe: S’bonelo Ngcobo
 ?? Isithombe: S’BONELO NGCOBO ?? IPHINI likaNgqong­qoshe wezaseKhay­a kuleli, uNkk Fatima Chohan ekhuluma ngesikhath­i kunengxoxo ekhuthaza ukuzwana phakathi kwabakulel­i nababhacil­e, ngoLwesibi­li, eThekwini
Isithombe: S’BONELO NGCOBO IPHINI likaNgqong­qoshe wezaseKhay­a kuleli, uNkk Fatima Chohan ekhuluma ngesikhath­i kunengxoxo ekhuthaza ukuzwana phakathi kwabakulel­i nababhacil­e, ngoLwesibi­li, eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa