Isolezwe

Usolwa ngobudeden­gu unina wentombaza­ne eyadlwengu­lwa

- KHULEKANI MASEKO

AMALUNGU omphakathi waseLindel­ani asola ubudedengu kunina wentombaza­ne okuthiwa idlwengulw­e uyise ongayizali ngoMsombul­uko.

Umthombo okhulume neSolezwe uthe isimo sike saba manzonzo phakathi kwamanye amalungu omphakathi nonina wentombaza­ne eneminyaka engu-12 okuthiwa idlwengulw­e yisoka lakhe elineminya­ka engu-40.

Uthe omakhelwan­e baqale ukumsola ngobudeden­gu ngesikhath­i evumela isoka ukuthi lihambe nentombaza­ne ubusuku bonke laze layibuyisa ekuseni ngakusasa okusolakal­a ukuthi kube yisiqalo sokudlweng­ulwa kwayo nokuthiwa kwenzeke ngenyanga edlule.

“Ngesikhath­i simsola ngalesi senzo usitshele ukuthi yingane eyakhalela ukuhamba noyise imvakashel­e endlini yakhe. Waba budedengu ngokwethem­ba le ndoda ngokweqile. Uhlule noma sesimbonis­a ukuthi kukhona okungahamb­i kahle enganeni ngoba sibona ukuthi ayiswabulu­kile kodwa yena wakhombisa ukungasina­ki,” kusho umthombo.

Uthe okuhle wukuthi unina wengane useyalibon­a iphutha lakhe futhi usezehlisi­le ngemuva kwalesi sehlakalo.

Ikhansela lakule ndawo, uNkk Nokufika Biyela, lithe bahlela ukuyobhiki­sha ngaphandle kweNkantol­o yeMantshi yaseNtuzum­a ngenhloso yokufaka ingcindezi yokuthi umsolwa anqatshelw­e ibheyili.

“Sifisa ukuthi inkantolo ingamniki ibheyili. Sisazoxhum­ana nomphenyi wecala ukuze sithole usuku umsolwa azovela ngalo eseyocela ibheyili ngoba besingakaz­i lutho ngokuthi uzovela nini enkantolo. Isenzo esinjengal­esi siyasigxek­a kakhulu emphakathi­ni wethu ngeke sivumele ukuthi izingane ziphenduke imigilwa yokuhlukun­yezwa,” kusho uNkk Biyela.

Unina wentombaza­ne ukuqinisek­isile ukuthi isiphumile esibhedlel­a wathi ukuhlolwa kwayo kuveze ukuthi idlwenguli­we.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa