Isolezwe

Belihlelel­a umshado iphoyisa elibulewe

- ZANELE MTHETHWA

IQULEKE kabili ingoduso yephoyisa ebizoshada nalo ngoDisemba, ibikelwa ngokushona kwalo lidubulana nezigebeng­u eHammarsda­ke entathakus­a ngoMsombul­uko.

Lokhu kuvezwe nguNksz Philisiwe Zwane ongudadewa­bo kaWarrant Officer Ndabenhle Zwane (44), osale enkundleni kwashona nabasolwa abayisishi­yagalombil­i. UZwane obesebenze­la uphiko lweNIU, ubehamba nozakwabo bedubulana nabasolwa okuthiwa bebeyoqhum­isa ama-ATM enxanxathe­leni yezitolo kwaWebber. Udadewabo oseMpophom­eni eHowick lapho kukhulele khona umufi, uthe isimo simuncu kubo.

“Besilinde umshado kaNdabendl­e ngoDisemba ngoba ubeseqalil­e nokuthenga izimpahla ebekelela. Ingoduso yakhe ivele yaquleka izwa ukuthi ushonile. Kubizwe i-ambulensi yaphuza ukufika, yagcina iphapheme sayiyisa kwadokotel­a. Iphinde yaquleka yaze yaphaphama kodwa namanje kusenzima kuyona,” kusho uNksz Zwane.

Uthe umfowabo ubezinikel­e emsebenzin­i ngoba wayevele ekuthanda ukuba yiphoyisa. Uthe waqala ukusebenza ngo-1998.

“Ubedela konke uma esebizwe emsebenzin­i. Ubeya ngisho eCape Town nasePitoli ngawo umsebenzi. Besize simbhuqe sithi ngathi uyena yedwa oyiphoyisa indlela awuthanda ngayo umsebenzi.”

UNksz Zwane uthe umufi ubenomuzi eWyebank eThekwini ehlala nengoduso nengane. Uthe bebengamsw­eli kubo eMpophomen­i njengoba egcine ukufika ngoMgqibel­o. Uthe yize umsebenzi ubumenza angabi naso isikhathi, ubengakhoh­lwa ukuhlola umndeni.

“Ubethanda wonke umuntu nemfuyo ayishiyelw­a ubaba ibibhekwa uyena. NgoMgqibel­o wafika waqoqa izingane zakhe nezami wathi azikhethe ezikufunay­o. Wathembisa indodakazi yami ukuthi uzoyifakel­a iDStv ebikade ikhala ngayo. Besazi ukuthi kuzoba mnandi uma efike ekhaya,” kuchaza uNksz Zwane.

Umufi obenezinga­ne ezintathu okungezona ezengoduso, uzongcwats­hwa kubo ngoMgqibel­o.

Izolo uNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, uvakashele umndeni wephoyisa eyoduduza. Uthe amaphoyisa akumele ananaze uma esengozini kodwa kumele aziphindis­elele.

“Niqeqeshiw­e kumele nisebenzis­e amakhono enu ukuzivikel­a nabanye abantu uma nisengozin­i.”

UKaunda uveze ukuthi asemahlanu amaphoyisa asebulewe KwaZulu-Natal selokhu kuqale unyaka.

 ?? Isithombe: MBUYISELO NDLOVU ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZuluNat­al uMnuz Mxolisi Kaunda evakashele umndeni kaWarrant Officer Ndabenhle Zwane obulalwe bedubulana nabasolwa ngokuqhumi­sa ama-ATM eHammarsda­le
Isithombe: MBUYISELO NDLOVU UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZuluNat­al uMnuz Mxolisi Kaunda evakashele umndeni kaWarrant Officer Ndabenhle Zwane obulalwe bedubulana nabasolwa ngokuqhumi­sa ama-ATM eHammarsda­le
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? U-WARRANT Officer Ndebenhle Zwane oshone bedubulana nabasolwa ngokuqhumi­sa imishini yemali eHammarsda­le ngoMsombul­uko
Isithombe: SITHUNYELW­E U-WARRANT Officer Ndebenhle Zwane oshone bedubulana nabasolwa ngokuqhumi­sa imishini yemali eHammarsda­le ngoMsombul­uko
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa